Akayi ndawo owase-Ethiopia onengoduso eMgungundlovu

2015-04-30 16:47
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Umfowabo kamkhwenyana uMnu Habetamu Wusabe emukela ingubo yokulala njengesipho esivela emndenini wengoduso yakhe uNkk Thandeka Mkhwanazi.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Umfowabo kamkhwenyana uMnu Habetamu Wusabe emukela ingubo yokulala njengesipho esivela emndenini wengoduso yakhe uNkk Thandeka Mkhwanazi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

“NGIYOMTHANDA ebuhleni nasebubini”.

Lawa ngamazwi kaNksz. Thandeka Mkhwanazi wase Cinderella Park obenomcimbi woMembeso obuvela ensizweni engeyokudabuka ezweni laseEthiopia.

UMnu. Mali Wondawock (26) naye ufunge wagomela ukuthi akayi ndawo futhi uyazifela ngengoduso yakhe eneminyaka engama 26 esiphinde yamubhansela ngokumtholela umntwana wentombazane oneminyaka emibili uGanita Mkhwanazi.

Lo mcimbi womembeso ubungoMgqibelo kanti ubuhanjelwe omakhelwane bendawo izihlobo kanye nabakamkhwenyana, iningi labo obekungabafowabo ebebebukeka bejabule ngesikhathi yomibili le mindeni ishintshana ngezipho. Ngaphandle kokuthi bekusindwe ngobethole kulo mcimbi, umndeni uphinde wadlulisa umyalezo wozwano nobumbano emphakathini, wanxusa nokuthi kuphele ukuhlaselwa kwabokufika okukhungethe leli zwe futhi osekuphinde kwasabalalela nakwezinye izindawo zedolobha uMgungundlovu.

Ekhuluma nephephandaba i-Echo uMkhwanazi, ingoduso kaWondawock, uthe umyeni wakhe akayi ndawo ukuleli zwe ukuzohlala njengoba esephinde waba nomndeni futhi waba yilungu lomndeni wakwaMkhwanazi. Ube eselandisa i-Echo ngokuhlangana kwabo eminyakeni emine edlule.

“Ukuhlangana kwethu kwaba seminyakeni emine edlule. Ngabona ukuthi uzimisele ngoba wayelokhu eqhubeke njalo ezibika kimina nokwabe sekufika ukuthi ake ngimnike ithuba ngibone ukuthi sihamba sigcina kuphi. Ngabona ukuthi akazile ngokuzodlala, wabe esesho ukuthi uzimisele ngokuthi ayovela ekhaya enze konke okumele kwenziwe ngokomthetho nangokwesiko lesiZulu. Ngabika ekhaya nami kwaba njalo ukuqhubeka kobudlelwane bethu kuze kufike kulesi sigaba okukuso njengamanje,” kusho uMkhwanazi.

Ukugxekile ukuhlaselwa kwabokufika kuleli okwenzeka eMgungundlovu nasesifundazweni.

“Kuyinto embi ukuthi kuhlaselwe abantu bokufika ngale ndlela okwenzeka ngayo. Nabo bangabantu kanti futhi bayafana nathi. Angiqondi ukuthi kungani kuze kufike esigabeni sokuthi kushawe kuhlaselwe abantu. Owami umyeni akayi ndawo futhi ukhona lapha eNingizimu Africa ukuzohlala,” kubeka uMkhwanazi.

UWondawock uthe uyawuthanda umndeni wakhe kanti futhi namasiko esiZulu uyawathanda njengoba kuyiwo amhlaba umxhwele ukuze aze afike kuleli zwe iNingizimu Africa.

“Ngiyazifela ngophuthu, ujeqe kanye nesitshulu senyama yenkomo. Kuningi esengikufundile ngezwe laseNingizimu Africa futhi sekuyikhaya lami. Akujabulisi ukubona abokufika kule lizwe beshawa kodwa lokho akungithusi neze. Angiyi ndawo, senginomndeni lapha kanti futhi uyikho konke kimina. Ngiyamthanda unkosikazi wami akukho okuyongihlukanisa naye,” usho kanje uWondawock.

UNkk. Mumsie Mkhwanazi uthe ubonga umdali ngokumlethela umkhwenyana onenhliziyo yegolide. Uphinde wanxusa abantu ukuthi bahlangane ukulwisana nesihlava sokushawa kwabantu bokufika okudlangile kulesi sifundazwe.

Yize ingoduso kaWondawock ingakabi nesiqiniseko sosuku lomshado omhlophe kodwa uthembisile ukuthi omakhelwane bazokikiza emshadweni wabo kungekude

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.