Ake bapheze abaholi abangamaqaba bo!

2015-08-27 06:01

MHLELI: Kwelomphakathi ngicela ukusika elijikayo ngabaholi bethu abangamaqaba. Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi kunabantu abangakwazi ukuthi inhlonipho ikabili.

Hlonipha abanye ukuze nawe uhlonishwe.Kunabantu abasezikhundleni abangakwazi ukukhuluma nabantu abangaphansi kwabo, abafuna ukunaka abantu ngokwezinga elithize. Uma ungumholi kakusho ukuthi abantu obaholayo bazithutha, khumbula sasingeke sibe ngabaholi sonke.

Ezindaweni zokusebenza isiphelele inhlonipho, ikakhulukazi kwindlu emnyama. Kayikho into ecika njengokuphathwa umuntu ongumholi ngokwemfundo kodwa engazalwanga engumholi. Loyo muntu uyathanda ukudilika uma ekhuluma, angabi naso isisoka sokubeka into. Athande nokuhlonipha abantu ngokwezinga lemfundo, okanye ahloniphe ngokwesikhundla esithize, kanti uma ungumholi weqiniso uhlonipha nongafundile ngoba ngenye imini uyoludinga usizo lwakhe.

Sinakho ukubukelana phansi thinandlu emnyama futhi siyathanda ukuthi uma sinezikhundla sinakwe. Umuntu angene emsebenzini abuze umphathi, kuthiwe akekho, kuyimanxa ebeka udaba lwakhe. Uthole ukuthi lolu daba belungadingi mphathi, kodwa ukubukele phansi wena obumsiza. Hlawumbe kwalo abemfuna ubevesi ezolunika wena lolu daba. Ndlu ensundu musa ukufuna umphathi, cela usizo ungabukeli phansi okusizayo ngaleso sikhathi. Uma ehluleka nguye ozoludlulisela phambili.

Abaholi beqiniso bayahlonipha. Futhi kumele sikuvume ukuthi kukhona namaqaba afundile. Kumele singakhohlwa ukuthi singabaholi namhlanje ikusasa kasilazi. Kukhona la uthi uma ubheka emuva uthi bangcono abelungu ngoba uma unephutha babheka iphutha lakho, indlu emnyama igcina inegqubu elingapheli. Baningi kabi abantu abaxoshwa emisebenzini kungafanele ngoba kwabanenzondo. Abanye bashiya ngenxa yabaholi abangakwazi ukuhlonipha abanye abantu.

Umuntu ungumuntu ngabantu, zibuze mphathi ukuthi kungani abantu obaphethe iningi labo bengakufuni. Uma usebenza ngokweqiniso angeke ebantwini abayikhulu uzondwe abangamashumi ayisishagalolunye, uthandwe ishumi kuphela. Uma kunjalo inkinga ikuwena, hlawumbe nakuleli shumi abantu abawogedleyihlekisa nje abakutshela ofuna ukukuzwa, hhayi iqiniso.Nasemabhizinisini indlu emnyama inenkinga yokuba lungaziwa usuku lokuhola, kuye ngokuthi ubengampintshekile yini yena. Uma empintshekile ningahola nje nangomhlaka-32!

Uma silapha ukuba sisizane kungakuhle sihloniphane singabukelani phansi ngoba njengoba uphezulu nje ngenye imini uyokwehla.

BONGANI MZO NGUBANE

e-Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.