‘Akwenziwe usikompilo ukufunda’

2015-05-21 06:00
PHOTO:nokulunga ngobese

Umbhali ovelele waKwaZulu-Natal uDkt Gcina Mhlophe ukhuthaze usikompilo lokufunda emcimbini wokugubha izigcinamagugu umhlaba jikelele obuse-KZN museum ngoLwesihlanu.

PHOTO:nokulunga ngobese Umbhali ovelele waKwaZulu-Natal uDkt Gcina Mhlophe ukhuthaze usikompilo lokufunda emcimbini wokugubha izigcinamagugu umhlaba jikelele obuse-KZN museum ngoLwesihlanu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI ovelele ophinde abe yimbongi eyaziwayo eNingizimu Afrika naKwaZulu-Natal, uDkt Gcina Mhlophe uphonsele inselelo abantu bakulesi sifundazwe ngokuthi benze ukufunda kube usikompilo lwabo.

Dkt Mhlophe ukusho lokhu emcimbini wokugubha usuku lwezigcina-magugu umhlaba jikelele (international museums day) obuse-KZN Museum ngoLwesihlanu olwedlule.

Lo mcimbi obuhanjelwe Inkosi Mangosuthu Buthelezi, obekhuluma ngokongiwa kwemvelo nokugcinwa komlando, uqale ngokufundiswa kwabantu ngezihlahla zesintu obekwenziwa uDr Elliot Ndlovu.

Kuphinde kwavulwa ngokusemthethweni umbukiso owaziwa nge-Warren Mammal hall. Lo mbukiso kuhloswe ngawo ukukhuthaza abantu ngokubaluleka kokongiwa nokuhlonishwa kwemvelo. Kuphinde kuhloswe ngakho ukukhalima abantu ekuhlukumezeni imvelo, ikakhulukazi ukuzingelwa kobhejane okungumkhuba osuvamise ukwenzeka.

Ekhuluma nabafundi bezikole ezihlukene zalapha eMgungundlovu uMhlophe uthe: “Iphupho lami elikhulu ukuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal sibe isifundazwe esifundayo. Njengesifundazwe engiphuma kusona, ngifisa ukuthi abantu bakwenze usikompilo ukufunda basebenzisane nohulumeni ekuthuthukiseni izinhlelo zokufunda.

“Nalabo asebebadala abangalitholanga ithuba lokufunda, zikhona nezinhlelo zemfundo yabadala ezingabasiza. Isizwe esifundayo siyazi ngemvelaphi yaso, ngakho kubalulekile nokuxoxela abantwana abasakhula izinganekwane.

“Lokhu kukodwa kuzozigqugquzela ukuba zithande ukufunda.”

Inkosi uButhelezi ibe isinxusa abaholi bendabuko ukuba bazifundise ngomlando ukuze baqhubeke nokuba yizinqolobane zolwazi lo mlando emiphakathini abayakhele.

“Ukongiwa kwemvelo kuyingxenye yesikompilo labantu base-Afrika. Kuyamangaza ukuthi emva kweminyaka emingaka lelizwe lathola inkululeko, kusakhona abantu abangayihloniphi imvelo.

“Sikhule sazi ukuthi isikhumba sengwe sigqokwa abantu abathize kuphela. Kepha manje sesigqokwa yinoma ngubani, okwenza abanye bagcine sebezingela lezi lwane ngokungemthetho esikhundleni sokuba bavikele imvelo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.