Badinga ukubongwa abezimo eziphuthumayo

2015-07-30 06:00

MHLELI:

Kwelomphakathi ngithi akengibeke uvo lwami ngabantu abathwala kanzima kodwa singababongi siwumphakathi. Kumele sikwamukele ukuthi uma singakavumi ukuhlonipha imithetho yemigwaqo izinhlekelele ziyohlale zikhona emigwaqeni.

Kunabantwana babantu ababhekana nobunzima mihla namalanga ngenxa yabantu abafuna ukukhombisa ubunsizwa nobuqhawe emigwaqeni, baqinise amakhanda kungenasidingo.

Izinhlekelele eziningi zidalwa ngukungalandeli izimpawu zomgwaqo, nokufuna ukuhlonipha uma sibona amaphoyisa.

Ngivumele mhleli ngibabonge abasebenzi bezimo eziphuthumayo ngokusebenza ngokuzinikela uma beya lapho kuvele khona inhlekelele.

Uma beya lapho kusuke kuvele khona inhlekelele basuke bengazi ukuthi bazohlangabezana nani. Hlezi bebhekana nezimo ezinyantisa igazi, izimo ezethusa wena usekhaya ubona amazwibela kumabona kude.

Kangakanani bona ababhekana nazo bukhoma, behlise ukwethuka basize labo bantu abasuke belimele, abanye sebeshonile.

Zimbalwa izikhulu zethu ezithi uma zifika zinikine amakhanda, bese zibabonga ngomsebenzi abayenzile. Imindeni nezihlobo zabasuke bekwinhlekele belashelwa ukwethuka baphinde belulekwe ngokwengqondo, akaze ngizwe kuthiwa nabosizo oluphuthumayo bazokwelashwa okanye belulekwe.

Nakuba beqeqeshiwe kodwa kunezimo ezinzima kakhulu ezibahlukumezayo nabo emiqendweni.

Kuyenzeka kulimale abantu abaningi abagcina sebeya ezibhedlela ezahlukene, ezibhedlela bangcono basuke belapha abantu asebelutholile usizo lokuqala, asebekhishiwe ezimotweni eziboqokile.

Nakuba nabo bebhekana nobunzima kodwa abakudingayo ukwelulekwa ilaba abagijimayo beya lapho kuvele khona inhlekele umuntu afike angazi kwakuthi uzoqala ngakuphi.

Kulula uma usaqeqesha ngonodoli kodwa uma sewubhekene naso bukhoma isimo esiphuthumayo, kunzima. Kukhona lapho befika bangazi ukuthi kumele baqale kuphi, kodwa ngenxa yokuzinikela bayihlenge imiphefumulo.

Uma kukhona abashonayo yibo ababhekana nalezo zimo, kodwa nasemingcwabeni akaze ngizwe bebongwa. Ngifuna ukusho ngingesabi ngithi kubo: izandla zedlula ikhanda, siyayibona imisebenzi yenu. Sengathi nalaba bashayeli abangafuni ukudedela izimoto zosizo oluphuthumayo emigwaqeni bangafunda ukuzidedela. Mhlawumbe kawugudluki nje isihlobo sakho lesi esisengozini abasiphuthumayo.

Singabashayeli nabasebenzisi bemigwaqo asikhumbule ukushiya ubuqhwaga emakhaya ukuze sivikele imiphefumulo ephuma kungenasidingo. Ngiyabonga ngokuthola isikhala kwelomphakathi

BONGANI MZO NGUBANE

e-Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.