Bafuna kuphenywe ngeyokuthandana kothisha nabafundi eSobantu High

2015-05-21 06:00

ABAZALI bezingane ezifunda e-Sobantu Secondary School bafuna uMnyango wezeMfundo uphenye kabanzi ngezinsolo zokuthandana kwabafundi nabanye bothisha kulesi sikole.

Laba zali abakhulume nephephandaba i-Echo kepha abangathandanga ukudalulwa amagama abo bathe yize kungumkhuba omdala, sebekhethe ukuphumela obala ngoba bebona ukuthi isimo asishintshi. Bathi noma wenzeka, awenziwa yibo bonke othisha besilisa.

Omunye wabazali okhulume naleli phephandaba uthe yize abafundi bake bazama ukulubika lolu daba kodwa azikho izinyathelo ezake zathathwa.

Uthe: “Ukuthandana kothisha nabafundi into endala kulesi sikole ngoba kukhona nabanye asebaze bahamba kulesi sikole.

“Kunezingane ezazifunda la esezinezingane nazo ezisolwa kwabanye balabo thisha.

“Besithule ngoba phela kuyinto eyihlazo, kodwa siyabona ukuthi awenzeki umehluko.

“Ngisho ufika kona uyabona ukuthi ubudlelwano obukhona phakathi kwabafundi nabanye othisha besilisa buhlukile indlela abajwayelene ngayo.

“Uma unengane nje yentombazane efunda khona njengomzali uba novalo ukuthi kuqhubekani. Into esikhathazayo ukuthi noma ngabe kuthiwa izingane zethu ziyazivumela zona, labo thisha babulala ikusasa lazo.

“Sesifuna umnyango ungenelele uphenye kabanzi ukuthi kwenzekani futhi bajeze labo abazotholakala benecala.”

Omunye umzali ongathandanga ukudalulwa uthe kukhona othisha abake bababizela eceleni bebakhuza ngalo mkhuba kodwa kwaba zinhlanga zimuka nomoya.

“Noma kungekho okuphathekayo kodwa kunabafundi abaziwayo endaweni ukuthi bathandana nothisha. Sifisa ukwazi ukuthi ngabe kulungile yini ukuthi abafundi bathandane nothisha futhi leyo nto kube yinto eyenziwa udede ngaphandle kokufihla,” kuphetha umzali.

USihlalo we-SGB yesikole uNkk Zanele Ndlovu uthe banolwazi ngodaba futhi ludluliselwe kumhloli wesekethe. “Njengabazali lona umkhuba esingavumelani nawo. Udaba ludluliselwe emnyangweni wezeMfundo , futhi abayotholakala benecala kuzomele bajeze ngendlela efanele,” ephetha.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Sihle Mlotshwa uthe: “Lokhu sikuthatha njengezinsolo ezibucayi. Siyanxusa noma kubani ongaba nolwazi ukuba aphumele obala ukuze sithathe izinyathelo ezifanele.

“Ukuziphatha ngendlela engavumelekile kungaholela nasekutheni labo abasolwayo balahlekelwe imisebenzi. Othisha bangababazali futhi kumele babe yizibonelo ezinhle kubafundi. Akumele kube ibona abagcina sebecuthela izingane ezingenacala.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.