Bakhala ezimathonsi okudlwengulwe izingane zabo

2015-07-09 06:00

KUFIKE umunyu, kwavuka izinseka komama babantwana ababili baseMpophomeni ngenkathi belandisa iphephandaba i-Echo mayelana nesehlakalo sokudlwengulwa kwalaba bantwana umsolwa uMnu Bhekumuzi Mbokazi (40) oyisakhamuzi kuyo le ndawo.

UNksz Nonhlanhla Dlamini no Nksz Nohlakanipho Khanyile bachazele leli phephendaba mayelana nokudlwengulwa kwabantwana babo kugeleza izinyembezi ngenxa yomunyu. Omama babantwana bathola zingu-18 ku Nhlangulana ukuthi abantwana babo banukubezwe umsolwa.

UKhanyile uchaze isenzo somsolwa njengesinesihluku njengoba kuvele ukuthi ngesikhathi kuthiwa edlwengula omunye umntwana oyedwa ubesuke obuka lo omunye odlwengulwayo ngaphambi kokuthi adlwengule omunye.

Ngokuchaza kukaKhanyile abantwana bebachazela bathe bebeboshelwe esihlalweni befakwe nendwangu emlonyeni ukuze bangamemezi njengoba lokho bethi babe bekuyalelwe umsolwa ngesikhathi ebavalele endlini yakhe lapho abadlwengulele khona ngesikhathi bephuma esikoleni.

Uthe ngokusho kwabantwana ngesikhathi edlwengula omunye, wayefake indwangu omunye emlonyeni embophele esihlalweni kodwa ebuka ngesikhathi kudlwengulwa omunye.

“Bathe ubadlwengule bobabili ebashintshanisa nokuthe angaqeda wathi uma beke basho uzobabulala bese ebulala nomama babo yingakho nje bebengafuni ukusho ukuthi ubenzeni,” kusho uKhanyile.

Eqhuba uKhanyile uthe eqala ukusola ngokwenzeke endodakazini yakhe kwaba umbala womchamo womtwana owabe unombala othi awube bomvu.

“Kuthe ngisaxakwe ilokho ngabona ukuthi uyaxhugela uma ehamba” usho kanje.

Uthe umbizile umntwana wabuza ukuthi ngabe kukhona yini okuyinkinga kodwa umntwana waphika wathi akanalutho.

“Ngibonile ukuthi ayiyincane into eyenzeke kumntwana wami ngakho-ke ngibe sengibheka esithweni sakhe sangasese ngoba senginokusola ukuthi kukhona okushaya amanzi.

“Nangempela ngithe uma ngibheka ngathola ukuthi umntwana une infection esithweni sangasese. Ngivele ngamphuthumisa kadokotela naye ofike waqinisekisa ukuthi umntwana unukubeziwe kanti unesifo socansi. Udokotela ungiyalele ukuthi ngiye emtholampilo wabantwana nalapho bafike bambheka umntwana nabo baqinisekisa. Kulapho-ke eveze khona ukuthi ubani omnukubezile, kwavela nokuthi ubehamba nomunye umtwana lo abanukubezwe naye,” kuchaza uKhanyile.

UDlamini ongumama womunye umntwana uthe yena uthintwe ngocingo umama walo mntwana obehambise umntwana wakhe emtholampilo emva kokuthola ukuthi umntwana wakhe ubehamba nomtwana wami ngenkathi edlwengulwa.

“Sebobabili bakusho konke okwenzile umsolwa kubona. Ngizwele ukuhlungu engingakeze ngibuzwe empilweni yami yonke. Angazi ukuthi yini le engaka esiyenze kuyena okwenze ukuthi enze into ebuhlungu kangaka ezinganeni zethu. Simfisela ukuthi abadle ejele angaphumi ngoba asikwazi ukuhlala nomuntu onjengaye emphakathini,” kusho uDlamini.

Ikhansela lendawo uMnu Bhana Ndlovu kuthe awumqede umphakathi ngaphandle kwenkantolo umsola ngokuthi ucheme nomndeni womdlwenguli

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.