Bakhunjulwe ngetshe abaseFezokuhle

2015-06-25 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese

Bakhunjulwe ngetshe abafundi baseFezokuhle Primary School abashona enhlekeleleni yengozi ekuqaleni kwalo nyaka. Kusukela kwesokunxele: Bongani Ngubane, Pastor Trevor Phoswa, Khanyi Zondi, Bheki Sokhela (Santaco), Garnet

ISITHOMBE:nokulunga ngobese Bakhunjulwe ngetshe abafundi baseFezokuhle Primary School abashona enhlekeleleni yengozi ekuqaleni kwalo nyaka. Kusukela kwesokunxele: Bongani Ngubane, Pastor Trevor Phoswa, Khanyi Zondi, Bheki Sokhela (Santaco), Garnet

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUVUKE umunyu kukhunjulwa abafundi abayisishiyagalombili base-Fezokuhle Primary School abashona enhlekeleleni yengozi ekuqaleni kwalo nyaka emcimbini obusesikoleni ngempelasonto.

Laba bafundi okungoYolanda Shezi, Bandile Chamu, Sinethemba Chonco, Olwethu Vilakazi, Sinakhokhonke Mchunu, Sinenhlanhla Nkomo, Sinenhlanhla Dlamini noNonzuzo Zuma bakhunjulwe ngetshe eliqoshwe amagama abo elisesikoleni.

Labafundi bashona emva kokuba iveni eyayibathutha bebuya esikoleni yaphaphalaza yangena emzini womuntu.

Emva kokuba kwenzeke lesi sigameko inhlangano yamathekisi iSouth African National Taxi Council (Santaco) inikele ngo R100 000 ukuba kusizwe imindeni yabalahlekelwe, okuthathwe u-R20 000 kwenziwa ngawo lelitshe lesikhumbuzo.

Ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo usihlalo weMgungundlovu Regional Taxi Council uMnu Bheki Sokhela uthe lesi sigameko sabathinta kakhulu njengemboni yamatekisi njengoba besebenzela umphakathi.

USokhela uphinde waphonsa inselelo embonini yamathekisi jikelele ukuba isebenzisane nezikole ukuthuthukisa imiphakathi, nokuqeda izihlava zobugubengu emphakathini.

“Esikwenze kulesi sikole sikwenze ngoba nathi singabazali futhi siyabuzwa ubuhlungu obuziwa abazali balaba bafundi.

“Ngenxa yokuzinikela kwethu ekuthuthukiseni izikole nemiphakathi siyanxusa emiphakathini yethu ukuthi sisebenzisane ndawonye ekuqedeni izinto ezizobulala ikusasa labantwana bethu.

“Kunesihlava sokusetshenziswa kwezidakamizwa esande, ikakhulukazi entsheni yethu.

“Sifisa ukuhlangana nemiphakathi, noMnyango wezeMfundo sibheke izinto abafundi abangazenza ukuzigcina bematasatasa ukuze bangakwazi ukuzibandakanya nezinto ezingabayisi phambili.

“Siyazibophezela njengemboni ukuthi nathi siphonse itshe esivivaneni ekuqinisekiseni ekutheni ikusasa lentsha yethu alishabalali.” kusho uSokhela.

Ikhansela lakwaward 15 uMnu Garnet Mlete uphonse inselelo kubazali ukuba baqinisekise ukuthi bayababheka abantu abathutha izingane zabo futhi babaseke lapho bedinga ukusekwa khona.

“Lesi sikhumbuzo senzeke kahle ngenyanga yentsha, njengoba intsha yango-1976 yabamba iqhaza elikhulu ekutheni leli zwe likhululeke. Ngiphonsa inselelo entsheni ukuba ivuke izithathe, ingabheki uhulumeni ukuthi enze yonke into.

“Nabafundi siyanxusa ukuba basebenze ngokuzimisela ukuhlonipha labangani babo abangasekho,” kusho uMlete

Uthishomkhulu wesikole uMnu Bheki Nkwanyana uthe njengesikole babone ukuthi le mali encane ebisisele benze ngayo itshe lalaba bafundi, elizoba ngumlando kwizizukulwane ngezizukulwane.

Uthe selokhu kwenzeke lesi sigameko ukhandleke kakhulu ngokomzimba nangomphefumulo, esenqume ukubeka phansi izintambo ngenyanga ezayo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

TUT extends recess

32 minutes ago

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.