Banxenxa amavoti abamele lesifundazwe koweNdoni

2015-09-24 06:00

UTHEMBISA ukubuya nesicoco ekhaya owesilisa waseMgungundlovu ozomela iNkosi yesizwe samaZulu emcintiswaneni we-Indoni Miss Cultural SA ozoba se-Inkosi Albert uthuli International Convention Centre (ICC) ziyi-10 kuMfumfu (October).

USandile Mthethwa (20) wakwaMafunze uthi usewulungele lo mncintiswano futhi uzimisele ngokubeka iKwaZulu-Natal noMgungundlovu ebalazweni.

UMthethwa uzobe ehambisana nentombi ezobe imele iKZN, uZiningi Mthembu, ongowokudabuka eMpangeni. Lo zime wesintu wasungulwa eminyakeni emithathu edlule ukukhuthaza abantwana bamantombazane nabafana ngokuzigqaja ngamasiko abo.

Umsunguli we-Indoni Cultural School uDkt Nomcebo Mthembu uthe kulo zime kusuke kuhlanganiswe izintombi nezinsizwa zezizwe ezihlukene kuleli zwe, bese kukhethwa obashaye bonke emakhanda.

“Kulo nyaka kuzobe kuncintisana izintombi nezinsizwa ezizobe zimele izizwe ezingu 12 ezihlukene zakuleli zwe. Ukuhlungwa kuqala kumakhempu abasuke behleli kuwona ngamaholidi okuvalwa kwezikolwe, lapho kusuke kukhethwa intombi ezishaye zonke emakhanda kuzo zonke lezizwe. “Kubhekwa intombi nto eziqhenyayo futhi ezidlayo ngesiko layo. Ebafaneni kubhekwa indlela abaziphatha ngayo nangolwazi abalanalo ngesizwe nemvelaphi yabo. Uzime ugxile kakhulu ezinganeni zamantombazane, kodwa nabafana nabo siyabafundisa ngokuziphatha” kusho uMthembu. UMthethwa uqhube wathi njengomuntu ozobe emele iNkosi yesizwe samaZulu, enye yezinto ezibalulekile ukuthi azi ngemvelaphi yakhe neyesizwe nokuthi umuntu wesilisa uziphatha kanjani.

Ekhuluma nentsha ngale nyanga yamagugu uthe: “Noma sesathola inkululeko yokuhlangana nezinhlanga ezahlukene kodwa kubalulekile ukuthi abantu abasha bangayikhohlwa imvelaphi yapho. Intsha mayingawabalekeli amasiko ayo futhi kubalulekile ukuthi izigqaje ngawo.”

Uzokwandulelwa umviliyelo (carnival) ezosuka emgaqweni uDr Pixely ka Seme ngele-11 ekuseni. Abafisa ukuvotela uMthethwa noMthembu bangathumela isms ethi Indoni Zulu ku-48496. Ukuvota kuzovalwa ziyi-10 ku Mfumfu ngele-10 ebusuku

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.