Baphika eyokuntshontsha oNathi noNkanyiso

2015-08-27 06:01

ABACULI bokholo abashisa izikhotha eMgungundlovu baphika izinsolo zokuntshontsha ikeyboard emcimbini obuseCity Hall ngempelasonto.

Laba baculi okungoNathi noNkanyiso asebezakhele igama ngengoma yabo ethi ‘Fana noJobe’ baphume kwelinye lamaphephandaba ansukuzonke, ngezinsolo zokuntshontsha ikeyboard emcimbini wabesifazane owaziwa ngezikaBhoqo ohlelwa uNkk Zanele LaMbokazi Nkambule.

Umnikazi wenkampani iMawandla Trading ebisetshenziswa ukubafakela umsindo (sound system) uMnu Sthembiso Nhlabathi usole laba baculi ngokunyamamalala kwe-keyboard yakhe, okuphethe ngokuthi abavulele icala.

Ekhuluma nephephandaba i-Echo uNathi Zuma ubize lezi zinsolo njengamampunge, washo nokuthi uNhlabathi kuzomele axolise kubalandeli babo ngomonakalo awenzile ngokudicilela phansi isithunzi sabo.

Uqhube ngokuthi yize beziqhelanisa nokuntshontsha, ikeyboard wayithatha emva kokuba uNhlabathi engasigcinanga isivumelwano sabo sokumbuyisela imali ayemboleke yona.

UNhlabathi uthe wafika kulo mcimbi ezonandisa ephethe ama-keyboard amathathu, okuthe uma sekuqoqwa ntambama wathola ukuthi sekukhona eyodwa engasatholakali.

Uthe: “Nginofakazi abaningi kabi abathi ikeyboard bayibona iphuma nalabaculi okubalwa ngisho onogada. Noma ngingenaso isiqiniseko ukuthi imuphi phakathi kwalaba baculi owaphuma nayo. Ngigcine ngokuvula icala.”

UZuma uthe kuyamangaza ukuthi uNhlabathi agijimele emaphepheni ekubeni wayeboleke uR400 kuyena, bavumelana ngokuthi uzothatha ikeyboard njengesibambiso.

“Ngangingeke ngiphume nekeyboard phakathi kwabantu naphakathi konogada ukuba ngangiyintshontsha. Ngokwesivumelwano sethu wayethembise ukungibuyisela le mali ntambama, okwagcina kungasenzekanga. Ngiyamangala uma sengithola izingcingo zokuthi sintshontshile. Sifuna axolise kubalandeli bethu ngoba njengabaculi bokholo kulindeleke ukuthi sibe isibonelo esihle emphakathini, kodwa izindaba ezinjena zidicilela phansi isithunzi sethu. Nginawo ngisho nomyalezo engimthumelele wona kumakhalekhukhwini ngimbuza ukuthi uzoyikhokha nini imali yami.”

UNhlabathi uthe uselivulile icala kanti namaphoyisa akuqinisekisile lokhu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Convicted cop killer 'sorry'

2016-09-29 05:44

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.