Basaduve emakhaya abafundi abakhulelwe eFundo

2015-06-04 06:00
PHOTO:nompendulo ngubane

Isikole samabanga aphezulu iFundokuhle eMbali Unit 2 lapho okuxoshwa khona abantwana abakhulelwe uma bengenabo abazali abazobagada.

PHOTO:nompendulo ngubane Isikole samabanga aphezulu iFundokuhle eMbali Unit 2 lapho okuxoshwa khona abantwana abakhulelwe uma bengenabo abazali abazobagada.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNYANGO wezeMfundo sewungenelele odabeni labafundi abakhulelwe okuphoqwa ukuthi bagadwe abazali babo esikoleni samabanga aphezulu iFundokuhle eMbali Unit 2.

Lokhu kuqinisekiswe okhulumela umnyango uMnu Sihle Mlotshwa wathi emva kokuba udaba luvelile lolu daba babe sebethumele isekethe ukuba ingenelele.

“Sithumele umbiko wethu kwisekethe yoMnyango wezeMfundo kanti kumanje silinde ukuthi babuyele kithina nabakutholile,” kusho yena.

Iphephandaba i-Echo lishicilele lolu daba ngesonto eledlule lapho kuvele khona ukuthi uthishanhloko wesikole uMnu Mlungisi Maphumulo ukhiphe umyalelo wokuthi abazali bazogada izingane zabo ezikhulelwe esikoleni.

Abazali baye bavuke kanye nazo izingane zabo njalo ekuseni bese bebuya nazo ntambama uma sekuphume isikole. Labo abangenabazali ababagadayo sebehleli emakhaya, bayeka isikole.

Yize umnyango uthi ungenelele kanti futhi ulinde umbiko kodwa abafundi abangenabo abazali futhi abangenayo imali yokuqasha abantu abazobanika u-R500 wokuyobagada basaqhubeka baduve emakhaya amasonto amabili.

Leli phephandaba liphinde lakhuluma nodadewabo womfundi owenza ibanga 10 osahleli ekhaya ngenxa yesimo sokungabi namuntu ozomgada esikoleni.

Udadewabo womfundi uthe udadewabo ofunda eFundokuhle usahleli namanje akabuyele esikoleni.

“Usakhona ekhaya uhleli ngoba asinamali yokukhokhela umuntu ozomgada. Okubuhlungu ukuthi uyasala ezifundweni kanti futhi akulula ukuthi abuyela enze izifundo ngendlela lena abezofundiswa ngayo uthisha. Akukuhle ukukhulelwa kwabantwana besafunda isikole kodwa ukuphucwa kwabo ilungelo lokufunda kuphambene nomthetho.

“Ngabe siyezwa ukube kuthiwa umthetho oqhamuka nohulumeni kodwa kuphambene nomthetho esiwaziyo,” kusho udadewabo womfundi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.