Basale bengenalutho kuqhuma ipayipi

2015-07-02 06:01
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

Bekunjena ngesikathi kungena amanzi emzini wakwa Dladla eMbali Unit kumgwaqo  uMpala.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Bekunjena ngesikathi kungena amanzi emzini wakwa Dladla eMbali Unit kumgwaqo uMpala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USELE dengwane umndeni wakwaDladla waseMbali Unit 2 emva kokuba kuqhume ipayipi lamanzi elihamba ngaphansi kwendlu. ngoLwesithathu olwedlule.

Lesi sehlo senzeke ngoLwesithathu olwedlule ngezikhathi zasekuseni lapho amalunga alo mndeni ephaphamile ngoba ezwa kunokuqhuma obekwenzeka kuyona indlu ngaphakathi ngesikhathi usalele. Ipayipi liqhume lagcwalisa amanzi kuwona wonke amagumbi endlu nokudale ukuthi impahla esebenza ngogesi ife futhi ilimale ngenxa yokungenwa amanzi.

UNksz Mpume Dladla oyilungu lalo mndeni uthe kumanje bahlezi esihlotsheni lapho beqube khona ngoba bengenayo indawo yokuhlala emva kwalo monakalo. Uthe ipayipi liqhuma nje sekuneminyaka eminingi indaba yalo ibikwa kumasipala UMsunduzi. Lokhu kuqhuma bathe kungokwesithathu kwenzeka kodwa kungokokuqala kwenzeke endlini.

Uqhube wathi sekukaningi umasipala ubikelwa ngaleli payipi uthembise ukuthi uzoyibheka indaba yalo kodwa lutho njengoba sekugcine kwenzeke inhlekelele endlini.

“ Sivuswe ukuqhuma obekwenzeka egumbini lokuphumula ekuseni ngezikhathi zokugamanxa kehora lesikhombisa. Sonke sivukile sahlangabezwa amanzi ebephuma phansi eqhumise ama tiles. Siphuthumile sazama ukuvula iminyango ngoba omunye wawo ubusunenkinga ungavuleki. Size saphoqeleka ukuthi siwugqekeze umnyango ukuze uvuleke,” esho uDladla.

Uqhube wathi lokhu kuqhuma kuze kwangenelela emizini yomakhelwane nabo abagcine bephoqeleka ukuthi bakhiphe izimpahla zabo ngoba amanzi ayesedlulele emizini yabo.

“Kumanje sihlala esihlotsheni ngoba asinayo indawo lapho sizohlala khona. Sinikezwe itende nezingubo zokulala ilaba ababhekelela abezinhlekelele. Itende esinikwe lona asikwazi ukulisebenzisa ngoba kumanzi ngisho iyadi kanti futhi sisanokwesaba njengoba amanzi esaphuma epayipini elingemuva. Kulimale yonke impahla siyabonga ngoba akekho olimalile ngesikhathi kwenzeka le nhlekelele,” eqhuba uDladla.

Okhulumela umasipala UMsunduzi uNksz Nqobile Madonda uthe abezinhlekelele kanye noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nabo bebeyingxenye yokuyobheka isimo senhlekelele yomuzi wakwa Dladla. “ UMnyango obhekelela ezamanzi nawo uzobheka isimo isimo salo mndeni,” esho.

Lo mndeni uthe njengamanje usagqigqa ungena uphuma kamasipala uzama ukulungisa mayelana nalesi simo.

(Ukuphawula kwenkansela

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.