Bashaqekile kubulawa umakhi kubangwa intombi eSobantu

2015-10-08 06:00

UMPHAKATHI waseSobantu usashaqekile ngesenzo sokubulawa komakhi odumile endaweni ogwazwe wabulawa ngeSonto kubangwa intombi.

UMnu Sbongiseni Macingwane okusolakala ukuthi udabuka eMsinga ufike kule ndawo ngoNhlolanja (February) walo nyaka ezokwakha imizi yemiqashiso, wagcina esehlala khona. Kuthiwa umufi ubevakashelwe intombi yakhe lapho abeqashe khona kuLembethe drive, okuthe ngokuzwa kwababa wengane wentombi yakhe ukuthi ihleli naye, wagasela khona lapho kube nokuhilizisana wase eyamgwaza.

Obehlala nomufi uMnu Thulani Khwela uthe basashaqekile ngalesi sigameko njengoba konke kwenzeke esendlini yokugezela, waphuma wazithela kumufi esewile umsolwa engasabonwa. Uqhube wathi uzamile ukuthola abosizo oluphuthumayo abafike umufi esethule. Uthe sikhungathekile ilesi sigameko futhi okunzima kakhulu ukuthi abazi nokuthi bazophuma babhekephi ukuzama ukuxhumana nomndeni wakhe njengoba ebengenawo ngisho umazisi. Amalungu omphakathi angathandanga ukudalulwa amagama athi yize abengenasiqiniseko sokuthi lo owesifazane ubesathandana nobaba wengane, ubejwayele ukufika kubo

“Ubaba wengane ubesewuzwile umoya ukuthi lo owesifazane uma engekho kubo usuke ehleli nomufi. Kuthe ngeSonto ntambama waqonda khona. Nakhona ufike wangqongqoza kahle kanti useyohlasela,” kuphetha ilungu lo mphakathi.

Bathe umphakathi uthuke kakhulu ngale senzo njengoba uphume ngobuningi bawo ukuzokhuza umhlola. Bathi yize umufi efike ngoNhlolanja walo nyaka, ubese akhe imizi eminigi kule ndawo.

“Ubengumuntu wabantu, ubungafunga ukuthi owokudabuka kuleli lokishi. Silahlekelwe kakhulu ngekhono lakhe. Ubeyinhlobo yomakhi othi uma unezinto zokwakha, akwakhele bese ethi uzomkhokhela uma usunemali,” kuqhuba ilungu lo mphakathi.

UKhwela uthe inkinga ababhekene nayo manje ukuthi abazi uzofihlwa kanjani, njengoba kusafanele baqale bathole izihlobo zakhe.

Intombi kamufi engathandanga ukudalulwa igama ithe umsolwa ihlukane naye ezinyangeni ezintathu ezedlule kodwa ubelokhu efika kubo ezobheka ingane yabo.

“Uqale wafika emini sihleli sobabili nomufi wabuza ukuthi siyathandana yini.”

Uthe uhambilie wabuya , wangena endlini kamufi, waphuma nezicathulo zami engisola ngokuthi ngilale khona. Uthe uphinde wahamba wabuya ntambama.

Ufike wangqongqoza endlini, sathi ukuhilizisana, umufi waphumela ngaphandle, engithe sengimbona wabuya esebambe isifuba emva kokuba emgwazile.”

Umufi ufike kule ndawo eqhamuka e-Ashdown nalapho abeqashe khona.

Amaphoyisa awatholakalanga ukuphawula.ngesikhathi sokuloba

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.