Bashaya amakhala ngemifuziselo namathuna

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

Umfuziselo weNdlovukazi uVictoria esishayamthetho sesifundazwe osuvezwe njengomfuziselo ongachazi inkululeko kodwa owuphawu lwencindezelo.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Umfuziselo weNdlovukazi uVictoria esishayamthetho sesifundazwe osuvezwe njengomfuziselo ongachazi inkululeko kodwa owuphawu lwencindezelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU egatsha le-ANC lakwa-wadi 20 athi akhathazekile ngomfuziselo ongehli kahle wendlovukazi uVictoria eshayamthetho saKwaZulu-Natal kuleli dolobha.

La malungu athi lesi sichuse kanye namathuna asemgwaqeni uChief Albert Luthuli impela kwenza banganami futhi bafuna isichuse sisuswe emahlweni omphakathi lapho sikhona.

Umnu Nhlakanipho Hadebe, okhulume wazichaza njengomele intsha yale wadi engaphansi kwekhansela uMnuz Thulani Xulu, uthe njengentsha yakwadi 20 babone kukuhle bakuveze ukunganami kanye nokufuna ukucaciseleka mayelana nalo mfuziselo weNdlovukazi yamaNgisi eme thwi kwisishayamthetho saleli dolobha.

UHadebe uthe idolobha uMgungundlovu liyidolobha eliyisizinda esiqukethe izindawo kanye nemifanekiso yezokuvakasha ngakho-ke kumele kuqikelelwe ukuthi imifuzelo noma imifanekiso ekhona inencazelo ezwakalayo futhi iphinde icacise ngemifuziselo noma izindawo ngomlando wazo.

“Esishayamthetho sethu kumi umfuziselo weNdlovukazi uVictoria, lokho okubonakala kuyinhlamba enkulu ngoba akuvezi uphawu lwenkululeko kodwa kuveza ngokusobala uphawu lwencindezelo.Siphinde sibe nenqwaba yamathuna eduzane nepaki i-Alexandra, esingazi ukuthi ngabe awobani futhi ngabe likhona yini igalelo lababo abafihlwe lapha abalidlala emlandweni wakuleli dolobha.

“Lokhu kwenza umuntu asho angananazi ukuthi sicele ehhovisi likaNdunankulu uSenzo Mchunu ukuthi le mifuzelo, ikakhulukazi lona weNdlovukazi uVictoria ukuba ususwe esishayamthetho. Ngokwami ukubona lo mfuziselo ululaza indlu yasebukhosini kanye nesizwe sonkana.

“Njengesizwe sinamaqhawe anjengongomama weNkosi yesizwe saMaZulu uShaka Zulu, iNdlovukazi uNandi kodwa alukho uphawu olukhombisa inhlonipho kuyena. INkosi yesizwe samaZulu uZwelithini Zulu nguye okufanele ngabe ubekwe ngaphandle kwesishayamthetho, hhayi lo mfuziselo esiwubonayo,” kusho uHadebe.

Esegeqe amagula kanjalo uHadebe, kuthintwe ikhansela uXulu ukuthola ukuthi njengoba ezibize njengomunye wemalungu entsha yewadi kaXulu ngabe lona ikhansela liyazi yini ngalezi zikhalazo.

UXulu uthe uyakuqabuka ukuthola ukuthi kunentsha yewadi yakhe eveze ukunganami mayelana nemifuziselo. Uthe naye ngokwakhe uyavuma ukuthi imifuziselo okumele ibekwe kumele kube yileyo ezoqhakambisa umlando futhi kube imifuzelo esho okuthile.

“Intsha yase wadini yami iba nemihlangano lapho kusuke kudingidwa khona izindaba ezithinta noma ngabe yini. Le ntsha ezibiza ngeka wadi 20 ibingakaze ikuveze ukunganami kwayo ngemifuziselo namathuna. Asinakho lokho ngisho kumarekhodi ethu emihlanganweni esiye sibe nayo.

“Khona kuyiqiniso ukuthi eminye imifuziselo kumele isuke kodwa lokho kumele kwenziwe ngendlela okuyiyo nangendlela uhulumeni azogcina eveze ngayo ukuthi kwenziwe kanjani.

“Kodwa esikucelayo ukuthi uma kunentsha efuna ukuveza izimvo noma izikhalazo ize lokho ikubeke emihlanganweni yewadi,” kusho uXulu.

Ikhala nje le ntsha, inhlangano ye-EFF nayo ibeseyizwakalise ukuthi nayo ayisifuni lesi sichuse esabekwa yilabo ababeseka ubukholoni nenqubo yobandlululo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.