Basinde ngokulambisa kungena imoto KwaPata

2015-07-09 06:00

USINDE ngokulambisa umndeni wakwaZulu endaweni yakwaPata emva kokuba imoto okuthiwa ibigijima ngesivinini esiphezulu iphaphalaze yangena endlini, yabhidliza udonga ngoMgqibelo ekuseni.

Indodana yakulo muzi uMnu Boy Nzimande (48) uthe namanje basamangele ukuthi basinde kanjani njengoba lesi sigameko senzeke bengaphakathi endlini, kukhona nobehleli ngaphandle emnyango.

Uthe yize engayazi imbangela yengozi, usola ukugijima komshayeli njengoba iqale yashaya udonga ngaphambi kokuba iyogaxela esihlahleni.

Elandisa i-Echo uthe: “Lesi sigameko senzeke ekuseni ngesikhathi sizwa ngomsindo singaphakathi endlini. Abazibonele bathi le moto ebiqhamuka ngenhla umshayeli wayo uhlulekile ukuyilawula, yaphaphalaza yashaya udonga.

“Isuke lapho yandiza phezu kophahla yayobhodloza udonga lwaseverandah yaye yayogaxela esihlahleni. Simangele ukuthi umkhulu obehlezi ngaphandle everandah usinde kanjani, njengoba elimale kancane ekhanda emva kokuba amatshe edilikele kuyena.

“Ithe uma isigaxele esihlahleni, kwayima kufika amalunga omphakathi azamile ukukhipha umshayeli obe esephuthunyiswa esibhedlela. Yize kube khona olimele, sibonga ukuthi sisindile sonke ngoba uma ubuka indlela le moto engene ngaye, bekufanele kukhulunywe okunye.”

Uthe yize umonakalo ungabanga mkhulu kakhulu, unina uNkk Khohlwani Zulu usalokhu ethuke njalo njengoba isifo somfutho wegazi (BP) silokhu siphezulu kusukela ngoMgqibelo.

UNzimande uqhube ngokuthi yize kwiyisigameko sokuqala ukuthi kungene imoto kubo, umgwaqo abakhe kuwona uyingozi njengoba isikhathi esiningi izimoto zidlula zidla amagalani kanti futhi azikho nezithibamgwaqo.

Ikhansela lakwa-ward 10 uMnu Msizi Ngcobo uthe uyazi mayelana nale nkinga yalo mgwaqo, futhi okumanje basezinhlelweni zokuthi kufakwe izibiyela mgwaqo (guard rails).

“Njengoba sesingena esabelweni esisha sezimali, kunezinhlelo zokuthi kufakwe izibiyela mgwaqo, ezingezugcina kulo mgwaqo kuphela, kodwa kuzozonke izindawo zakule ward ezinobungozi,” kusho uNgcobo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.