Bathi bayihogela bayiphefumula indle erenki Emgodini

2015-06-11 06:01
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Irenki Emgodini okumanje inenkinga yendle egcwele ngaphakathi kulerenki futhi esabalalise ngephunga elingasabekezeleleki.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Irenki Emgodini okumanje inenkinga yendle egcwele ngaphakathi kulerenki futhi esabalalise ngephunga elingasabekezeleleki.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UYIHOGELA uphinde uyiphefumule indle umphakathi osebenzisa irenki yase-Emgodini. Le ndle esabalele phansi iphinde futhi iconse yehle ngodonga ivela epayini eliqhumile phezulu isilethe ukukhathazeka kubasebenzisi bale renki okubalwa kubo obashayeli, abadayisayo kuyo, abasizi babashayeli kanye nabagibeli.

Nakuba abantu abavuka baye kule renki kungabashayeli, abasizi babo kanye nabadayisayo, kuthiwa abagibeli nabo sebeqalile bashaya amakhala futhi sebeyakhononda mayelana nalesi simo esesithathe amasonto amathathu siqhubeka kule renki.

Ngokuchaza komunye worenki manenja kuyo le renki uMnu Shumi Mdlalose, isimo sesithanda ukungabekezeleleki manje ngoba kunokuthi siphele siyaqhubeka.

UMdlalose ongurenki manenja wamatekisi ase-Edendale uthe umasipala uMsunduzi sewazisiwe ngelesi simo.

Uthe iphunga lendle alibekezeleleki kule renki, wathi le nto ibathinta kakhulu njengabantu abasebenzisa irenki, ikakhulukazi labo abahlale bekhona kusukela ekuseni bezosebenza.

“Sekuphele amasonto amathathu kuvuza kanjena. Okubi kakhulu ukuthi le ndawo sibuye sithenge kuyona ukudla sidle kuyona futhi. Nabagibeli sebeqalile bayakhononda ngenxa yephunga.

“ Akuphefumuleki lapha phakathi ubona kahle ukuthi umuntu uhogela konke ukungcola ongakucabanga okuvela kula manzi aconsayo esuka lapha odongeni futhi anendle.

“Sithenga ukudla kudingeke ukuthi sidle khona lana. Ayikho into esizoyenza kodwa ukubekezela, sishaye sengathi asiboni,” kuchaza uMdlalose.

Iphephandaba i-Echo lingene ngaphakathi kule renki lazibonela ububi besimo. Indle igcwele phansi kanti akugcini lapho njengoba uthi usamile ibe iqathaka ivela ephayipini elinembobo elisodongeni.

Amatekisi ahambela eCaluza wona aseduzane kakhulu naleli damu lendle. Le renki iphinde isetshenziswe abantu abasuke beya ezindaweni ezikude njenge Johhanesburg, Kokstad, UMzimkulu nezinye.

Omunye wabesifazane ophekayo lapha erenki uthe bayapheka nje ngoba umsebenzi kodwa isimo asisihle neze.

“Siyapheka siphakele abantu badlele khona lapha ngoba ingekho enye into engenziwa. Siphefumula khona ukungcola lokhu osekuthathe isikhathi eside kwenzeka.

“Kungokwesibili leli payipi lihlupha ngokuvuza. Kunzima kakhulu futhi siyabona ukuthi sizogula uma kuqhubeka kwenzeka kanjena,” kusho yena.

USihlalo wososeshini bamatekisi esifundeni uMgungundlovu, uMnu Bheki Sokhela, uthe bebengazi ngalokhu.

“Uma sithola ithuba nathi sizoke siye kobheka isimo khona erenki.”

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNksz Nqobile Madoda uthe umkhandlu usuyazi ngalo ludaba kanti futhi wathembisa ukuthi into ezolungiswa ngokushesha.

“ Into edale ukuthi kube nalesi simo ebhilidini i-Professor Nyembezi idalwa ukulahlwa kwemfucuza engafanele ukuthi ilahlwe emapayipini endle,” kusho uMadonda

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.