Bazoqeqeshwa ngezamabhizinisi abakhubazekile

2015-08-06 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

UMnu Khuleka Khumalo amukela ingubo yokulala kwabaka Gift of the Givers Foundation.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE UMnu Khuleka Khumalo amukela ingubo yokulala kwabaka Gift of the Givers Foundation.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAKHUBAZEKILE abaqhamuka ngaphansi komasipala abayisikhombisa esifundeni saseMgungundlovu bakhuthazwe ukuba bavuke bazithathe njengoba sebezofundiswa nangendlela yokuzisungulela amabhizinisi.

Lokhu kuvele emcimbini wokuthula ngokusemthethweni uphiko lwabakhubazekile ngaphansi koMnyango wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho eKZN Museum ngeledlule.

Usihlalo wenhlangano eyaziwa ngeDisability Special Organisation eMgungundlovu uMnu Mduduzi Jijane uthe phambilini bekuthi uma kukhulunywa ngezinhlelo zokuthuthukisa abakhubazekile, kubhekwe abesifazane nentsha, okuzothi ngalolu phiko olusha kusizakale bonke abakhubazekile.

Uthe ngokocwaningo olwenziwe kutholakale ukuthi abantu abakhubazekile basasalele emuva kakhulu ezintweni ezibandakanya intuthuko, ngenxa yokuthi bancishwe ulwazi. Uveze ukuthi lolu phiko luzosiza ukuthi bazisungulele imifelandawonye (co-operatives), nokuzisungulela amabhizinisi athinta bona ukuze bakwazi ukuxosha indlala.

Ekhuluma naleli phephandaba uthe: “Kunabantu abakhubazekile abanamakhono ayisimanga ekwenzeni imisebenzi yezandla, ezobuciko nakwezolimo.

“Lolu phiko lizosiza ukuba bahlanganise imifelendawonye ezongenisa umali.

“Bazophinde futhi bafundiswe nangolwazi lokusebenzisa nokonga imali.”

UJijane uthe ngaphandle kokubacijisa ngolwazi lokuzisungulela amabhizinisi, kuzophinde kube nomkhakhaso obizwa nge ‘Back to school’.

“Phakathi kwethu kunabantu abanamakhono kodwa ngenxa yokuthi imfundo abazange bayithole, bagcina bephelele lapho namakhono abo. Kuzoba nohlelo lokubaxhumanisa nezikhungo zemfundo ephakeme, amakolishi okuqeqeshela amakhono (TVET Colleges) nemfundo yabadala.

Lokhu kuzolekelela ukuthi kungabi khona othi uncishwe ithuba le mfundo,” kusho yena.

Phezu kwalokho inhlangano ebhekelele nokusiza imiphakathi iGift of the Givers Foundation izosiza ngokunikelela ngokudla nezingubo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.