Engabe iyozala nkomoni kowamanqamu weMTN8

2015-09-17 06:00
PHOTOS: GALLO IMAGES 

UGeorge Lebese weKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi aqhubeke nefomu  yookuqhulula amagoli uma ezakhe sezibhekene ne-Ajax Cape Town  emdlalweni      wamanqamu weMTN8 Wafa Wafa       ngoMgqibelo.

PHOTOS: GALLO IMAGES UGeorge Lebese weKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi aqhubeke nefomu yookuqhulula amagoli uma ezakhe sezibhekene ne-Ajax Cape Town emdlalweni wamanqamu weMTN8 Wafa Wafa ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AKUCACI ukuthi iliphi iqembu elizokhala lemuke no-R8 million emdlalweni wamanqamu weMTN8 Wafa Wafa phakathi kweKaizer Chiefs ne-Ajax Cape Town ngoMgqibelo.

Into eyenza ukuthi kube nzima ukuqugula yingoba womabili la maqembu adlala kahle, okufakazelwa yikho ukuthi womabili azodlala kowamanqamu ale ndebe.

Lo mdlalo wefayineli noyindaba mlonyeni kulezi zinsuku phakathi uzobe useNelson Mandela Bay Stadium eBhayi (Port Elizabeth) ngalo Mgqibelo ngo-3 ntambama kanti kubhekeke ukuthi ukhiphe nesinedolo kuwowonke uMzansi. Ziningi izizathu ezenza lomdlalo ube sematheni nokwenza ukuthi kubhekeke uqophe umlando omusha ebholeni laseMzansi. Kufanele kukhumbuleke ukuthi izilwane zaseSoweto, iKhosi phela yibona oshampeni balendebe futhi kuyabonakala ukuthi ezikaKaizer Motaung zizozama ngayoyonke indlela ukuvikela le ndebe.

Kanti nomqeqeshi waMaKhosi osanda kuqala kule sizini, uSteve “Mphathi” Komphela akakaze ayinqobe indebe selokhu aqala ukuqeqesha ebholeni elikhokhelwayo, kusukela ngonyaka ka-2002.

Kanti iqembu laseKapa amaUrban Warriors lagcina ukufika kufayineli yalo mqhudelwano ngo-2009 lapho lathelwa ngehlazo yiLamontville Golden Arrows ngo 6-0. Phela kuzokhumbuleka ukuthi Abafana Bes’thende babaqeqeshwa uManqoba Brilliant Mngqithi kanti lo mdlalo wawubanjelwe e-Orlando Stadium.

Futhi-ke iKhosi lizobe lidlala kwifayineli yeMTN 8 Wafa Wafa okwesine. Ngaphambilini bakwazi ukunqoba kabili, bahlulwa kanye kanti nakulokhu kusobala ukuthi bafuna ukuyivikela inkomishi yabo njengoshampeni beMTN 8.

Umqeqeshi waMaKhosi uKomphela uthi usuku lwamanqamu luyobe lubalulekile kuwo womabili amaqembu, futhi-ke akekho obhekeke ukuthi alale ephaseji.

“Sonke sizimisele ngalo mdlalo, phela owamanqamu futhi akekho ofuna ukuyeka imali ewu-R8 million ihambe kalula. Kuzoba nzima kuwowonke umuntu kodwa thina njengoshampeni sifuna ukudlalisa okwamaqhawe futhi sikwazi ukuvikela indebe yethu.

“Phela iMTN8 yawinwa iChiefs ngesizini edlule,” kusho uKomphela.

Imenenja yeKhosi uBobby Motaung uthe AmaKhosi angeke avume nje ukuhlwithwa isicoco sawo noma yikanjani yi-Ajax.

Kanti umqeqeshi wama-Urban Warriors uRoger De Sa uthi impela ziyobambana ngezihluthu futhi kuyobonakala ngokusa ngoba phela kuyobe kumnyama phansi.

UDe Sa uthi iqembu eliyoba nenhlanhla yokushaya nokusebenzisa amathuba ngokufanele nangokucophelela yilo elizokhala lemuke nalesi sizumbulu semali.

“Womabili amaqembu adlala kahle kulezi nsuku futhi asethubeni elihle womabili.

“Mina ngithi abayodlula babe amaqhawe osuku futhi bahambe baye ekhaya nendebe abayoba nenhlanhla enkulu futhi bakwazi ukushaya amagoli emathubeni abayowenza,” kusho uDe Sa

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.