I-Arrows isithwele amathemba eKZN eNedbank Cup

2015-04-30 16:39
UMabuti Khenyeza ujabulela igoli lakhe alishaya emdlaweni weNedbank Cup last 16 phakathi kweGolden Arrows neNatal United yaseMsinga ekundleni yaseChatsworth ngo-22 March kuwo lo nyaka. I-Arrows yanqobe ngo-1-0. Abafana Bes’thende okuyibo asebemele is

UMabuti Khenyeza ujabulela igoli lakhe alishaya emdlaweni weNedbank Cup last 16 phakathi kweGolden Arrows neNatal United yaseMsinga ekundleni yaseChatsworth ngo-22 March kuwo lo nyaka. I-Arrows yanqobe ngo-1-0. Abafana Bes’thende okuyibo asebemele is

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABALANDELI bebhola eMzansi ngeke basolwe kule mpelasonto yakusasa uma bethi nje ukukhohlwa eyeligi, bagxile kancane kweyomqhudelwano weNedbank Cup esaqhubeka.

Phela, iqiniso lithi imithandazo nezinhliziyo zabo bonke abalandeli bebhola baseKwaZulu-Natal zizobe zikwiNedbank Cup kule mpelasonto futhi befisela iqembu lalesi sifundazwe iLamontville Golden Arrows ukube iqhubekele phambili kulo mqhudelwano.

Phela Abafana Bes’thende yilona kuphela iqembu yaseKZN elisekhona kwiNedbank Cup emva kokuphumelela ngenhlanhla ka1-0 kwiNatal United yaseMsinga emdlalweni owawubanjelwe enkundleni iChatsworth emasontweni amabili edlule. Lapha i-Arrows yawina ngegoli elashaywa uMabhuti Khenyeka sekuvalwe amehlo.

UKhenyeza wavuma ukuthi ezakhe zapulukutshela ngembobo yenaliti ngoba phela uMsinga wawungazwile futhi watshengisa ukuthi uyiqembu langempela nelizimisele ukuya kude.

“Kwakukubi impela, mhlawumbe nathi sasizwa wukuthi sinabadlali abaningi abanesipiliyoni (experience) futhi-ke nje kade kwasa sibona sinethwa nayizimvula kulo mdlalo,” kusho uKhenyeza.

Phela kuzothi ngoMgqibelo i-Arrows ihambele ePolokwane lapho iyobambana khona neSuperSport United ePeter Mokaba Stadium ngo-8:15 kusihlwa.

UKhenyeza uthi yena ngokwakhe ukuthi umdlalo usebusuku ekuhambeni akusho lutho kodwa bayazi ukuthi kuzoba umdlalo onzima nozodinga ukuzimisela ngayoyonke indlela.

“Thina asikhathazekile ukuthi sizobe sidlalela kude ekuhambeni ngoba phela iningi lethu kade kwasa lihamba ngenxa yalo mdlalo.

“Phela uma uwumdlali kufanele wazi ukuthi uyohlala usemgwaqeni njengesotsha.

“Mhlawumbe into esingathi siyigade kakhulu ukuthi siyobe sidlala neSuperSport United.

“Phela uma udlala nala madoda akusiniswa mahleza futhi bayiqembu elukhuni kabi, kodwa-ke nathi sibalindele

“Futhi ngeke sibavumele nje ukuthi bazenzele ngokuthanda kwabo, phela nathi siyiqembu njengabo,” kusho uKhenyeza.

UKhenyeza uthi ezakhe zifuna ukuqhubekela phambili kulo mqhudelwano baze bafike kowamanqamu.

Umqeqeshi weSuperSport United uGordon Igesund uthi angeke nje bayithathe kancane i-Arrows ngoba phela iNedbank Cup inomlando omubi wokuqhathulula amaqembu amakhulu.

“Ngayoyonke inhlonipho yami, emqhudelwaneni wezinkomishi njengalo, alikho iqembu elincane nelidlala kwiNational First Division (NFD) nakwiPSL, wonke amathimu ayafana,” kusho uGordon Igesund.

Kanti kusasa ngoLwesihlanu i-Ajax Cape Town engaphansi kuka Roger De Sa izibhekana neBidvest Wits eqeqeshwa uGavin Hunt

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.