IPirates neChiefs bathi phansi amaphaphu kubalandeli

2015-07-23 06:01
ISITHOMBE: gallo images 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uEric Tinkler     genkathi ezakhe             zitholana phezulu neCF Mounana kwi-CAF          Confederation Cup     e-Orlando Stadium     ngoMay. EZikamagebhula zizodlala neCS Sfaxien yaseTunis

ISITHOMBE: gallo images Umqeqeshi we-Orlando Pirates uEric Tinkler genkathi ezakhe zitholana phezulu neCF Mounana kwi-CAF Confederation Cup e-Orlando Stadium ngoMay. EZikamagebhula zizodlala neCS Sfaxien yaseTunis

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMABHAKABHAKA, i-Orlando Pirates yoqobo, zona ezagebhula umhlaba kamasipala kwangaba ndaba zalutho, ama-Sea Robbers oqobo, athi akonakele lutho, futhi phansi umoya kubalandeli.

NgeSonto iBhakaBhaka izohambela eSfax eTunisia eTaieb Mhiri Stadium lapho iyobheka khona neCS Sfaxien emqhudelwaneni we-CAF Confederation Cup. Lo mdlalo uzovezwa komabonakude ngo-8.15pm eMzansi.

Isikhulu sePirates uFloyd Mbele ukuqinisekile ukuthi kube noshintsho oluncane ngalo mdlalo emva kokuthi kade ubhekeke ukuba ngoMgqibelo ntambama.

“UCaf umemezele ushintsho osukwini nasezikhathini, okuchaza ukuthi manje sesizodlala ngeSonto kusihlwa ngo 20:15,” kusho uMbele.

Kanti abaqeqeshi bobabili bePirates neKaizer Chiefs, uEric Tinkler noSteve Komphela bathi ukuhlulwa kwabo eSwaziland ngempelasonto edlule akungahluphi imiphefumulo yabalandeli.

Bathi ukuhlulwa kwezingwazi zaseMzansi iPirates neChiefs akuchazi ukuthi kule sizini entsha lama qembu azobe elaza noma edlala inyongo. Bobabili abaqeqeshi balama qembu bathi amaphaphu phansi ngoba phela basematasatasa ngamalungiselelo esizini entsha.

Owayeqeqesha iMaritzburg United nosanda kujoyina AmaKhosi uSteve “Mphathi” Komphela uthi emidlalweni yeKing’s Super Cup eSwaziland ngempelasonto edlule bakwazile ukubona abakade befuna ukubona ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha.

“Mangiqale ngokubonga ukuthi sibe nenhlanhla yokunikwa ithuba lokudlala emqhudelwaneni noma ithonamente ekade iseSwaziland. Ukudlala kulo mqhudelwano kusinike ithuba lokubona okiningi nesikade sikuzama njengoba phela siseku-pre-season camp. Kufanele sikhumbule ukuthi sinabadlali abambalwa abasanda kujoyina futhi sithokoze kakhulu ukuthi baya ngokujwayela kahle eqenjini futhi bazofitha kahle ngoba bayikhwalithi (baseqophelweni eliphezulu).

“Ukuhlulwa kwethu noma ukuhluleka ukufika kwifayineli KwiKing’s Cup yaseSwaziland akuchazi ukuthi isizini yethu izoba yimbi noma asikakwazi esikwenzayo,” kusho uKomphela.

Umqeqeshi weBhakaBhaka uTinkler uncome indlela abadlali bakhe abadlale ngayo kodwa wakhala ngenhlanhla ebingekho ngakubona. Ubuye athi kungaba ubulima noma ungaziboni kahle izinto uma kungathiwa ukudliwa kwePirates kwiSwaziland King’s Cup kuchaza i”disaster” kwisizini ezoqala emasontweni ambalwa ezayo.

“Phela sisematasatasa kabi ngamalungiselelo esizini entsha. Abantu kufanele babuye bakhumbule ukuthi kahle kahle iPirates ilungiselela isizini entsha kanti futhi isadlala emqhudelwaneni weCaf ngaphandle e-Africa. Mina njengomqeqeshi angikhali ngalutho futhi izinto zizohlangana, mhlawumbe sishode ngenhlanhla kuleya thonamente ekade iseSwaziland,” kusho uTinkler.

Kugcine kunqoba iMbabane Swallows ngo 4-2 emva kokudla iRoyal Leopards kowamanqamu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.