ISobantu S Stars kufanele inqobe nakanjani

2015-06-18 06:00
PHOTO: supplied 

ULindokuhle Holiday we Sobantu Shooting Stars uyajabula emva kokushaya iphenathi yahlula unozinti weMaritzburg City uSifiso Ngema emdlaweni wala maqembu we-ABC Motsepe League ngoMgqibelo.

PHOTO: supplied ULindokuhle Holiday we Sobantu Shooting Stars uyajabula emva kokushaya iphenathi yahlula unozinti weMaritzburg City uSifiso Ngema emdlaweni wala maqembu we-ABC Motsepe League ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

EMVA kokuphunyula esibhaxwini seMaritzburg City ngoMgqibelo, iSobantu Shooting Stars ibhekene nomthwalo wokuthi nakanjani ithole amaphuzu amathathu lapho itholana ne-Ibisi Blue Birds kule mpelasonto.

Umphumela onjalo ozobeka leli qembu, elidlala ku-ABC Motsepe League, ethubeni lokudlala emidlalweni yokuhlungela (play-offs) abazongena kuNational First Division.

Ekhuluma ne-Echo izolo umqondisi weSobantu Shooting Stars uJabulani Radebe uthe baye emdlalweni weMaritzburg City bezitshela ukuthi bazonqoba noma ikanjani.

“Impela besizitshela ukuthi sizonqoba noma ikanjani kodwa akwangenzeka.

“Manje njengoba sesibhekene ne-Ibisi nje kufanele noma kanjani sinqobe bese sithemba ukuth iMilford FC [okuyiyo esesicongweni] ayinqobi. Lokhu kuyokwenza ukuthi kudlulele thina kuma-play-offs.

“Siyazi ukuthi kona kunzima kodwa kungenzeka noma yini ngoba yibhola leli futhi impela sisenethuba nathi,” kusho uRadebe.

Ngesizini ka-2012/2013 leli qembu labe selizitshela ukuthi yilo elizoya kuma-play-offs njengoba lalizihola zonke kodwa akwangenzeka emva kokuba laphucwa amaphuzu ayisithupha elaliwathole lidlala noMhlathuze FC.

“UMhlathuze awazanga emidlalweni emva kwalokho kwabe sekuthathwa isinqumo sokuthi ixoshwe bese kuthi wonke amaqembu adlale nawo awina azophucwa amaphuzu,

“Thina njengeSobantu Shooting Stars sabe sikuphikisa lokhu ngoba sazikubona kungekuhle. Sabe sithi okungcono wonke umuntu akanikwe amaphuzu ayisithupha noma udlali noma akadlalanga nayo kodwa abaphathi beSafa banqaba,” usho kanje uRadebe.

Ukuthi leli qembu lilale isithathu ngesizini edlule kuwuphawu lokuzimisela ukuphokophelela phambili kwiligi eliqhudelana kuyo namanye amaqembu awu-16.

ISobantu Shooting Stars izotholana phezulu ne-Ibisi Blue Birds ngoMgqibelo wona lo ntambama enkundleni yase-Albany Bakery ngakhona eSobantu.

Umdlalo weCity neShooting Stars ubuthanyelwe abantu abalinganiselwa ku-4000 eWadley Stadium.

IMaritzburg City kubikwa ukuthi ibuwuphethe umdlalo iziwombe zombili kanti igoli lokuqala lomdlala livalelwe phakathi uThobelani Msomi wayo iCity emzuzwini ka-63 esiwombeni sesibili.

Kuthe umdlalo usuya ngasemaphethelweni iShooting Stars yathola iphenathi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Land reform model fizzles

31 minutes ago

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.