Ibuye nendondo imbngi yase Hopewell

2015-11-04 06:00
ISITHOMBE:SITHUNYELWE Ubehleka kanje uNtatheli kaNdaba Phetha ngesikhathi emukela indodndo yakhe ahlonyuliswe ngayo kuma KZN Capital      Maskandi Awards. Omnikeza indondo uNksz Slindile Ntethe.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Ubehleka kanje uNtatheli kaNdaba Phetha ngesikhathi emukela indodndo yakhe ahlonyuliswe ngayo kuma KZN Capital Maskandi Awards. Omnikeza indondo uNksz Slindile Ntethe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IHLOMULE ngendondo imbongi yase Hopewell esencane kuma KZN Capital Maskandi Awards enzeke ngenyanga yamasiko uMandulo (September) eCity hall. UMnu Ntatheli kaNdaba Phetha(20) uthi ujabule kakhulu ngokuhlomula kwakhe njengoba lokhu kuveza ngokusobala ukuzikhandla kanye nokuzimisela kwakhe ekubhaleni izinkondlo nokuyinto esondelene kakhulu nenhliziyo yakhe.

Le mbongi ithi kwaba ukuzwa nje nje ukuthi abantu bayamenywa ukuthi bangenele ukuze bahlonyuliswe yangabe isapholisa maseko kodwa yalandela yonke imigomo yangenela. Enaba uPhetha uthe ukhethwe izigaba ezintathu kodwa wabe esephumelela esigabeni se “ Best Poetry and Message”. Ezinye izigaba ezimbili akhethwe kuzo i- “ Best Poetry and reciting ne Best Poetry.

“Inkondlo yami okuyiyona engiphumelele ngayo, inkondlo ethi ‘Wena udlala ngegeja kuziliwe’. Lokhu kusuke kushiwo kumuntu osuke enza into ngokungafanele. Iyinkondlo yami entsha nalapho ngisuke ngiluleka khona odadewethu ngibaxwayisa ngabantbesilisa nangendlela okumele bafunde ukuzimela ngayo abantu besifazane. Isikhathi esiningi odadewethu baba nokuzenyeza ukuthi ngeke baze bakwazi ukuzimela ngaphandle kwabantu besilisa.

“Lona ngumyalezo wami obhekiswe kubona ukubatshela ukuthi nabo bangakwazi ukuzimela ngaphandle kokuthembela ebantwini besilisa,” kusho uPhetha.

Ekhula uPhetha uthi eqala ngqa ukuhaya inkondlo phambi kwabafundi waba ihlaya abafundi bemtshela ukuthi akaphose ithawula ekuhayeni izinkondlo.

Uqhube wathi lokho kwamenza waba nogqozi futhi wafuna ukuqhubekela phambili nokuhaya izinkondlo.

“Kulapho ngaqala khona ukubhala ngangabe ngisama. Ngaqhubeka njalo kwaze kwafika lapho ngikhona njengamanje. Sengibhaleizinkondlo ezidlula ngisho emakhulwini amabili. Konke lokhu ngikwenza ngenxa yothando lokubhala izinkondlo enginalo. Ngijabule kakhulu ukuhlomula kule ndima engihlomule kuyona lokho kukhombisa ngokusobala ukuthi ngiyazimisela kwengikwenzayo,” kuqhuba uPhetha.

Uthe ukubhala kwakhe izinkondlo zakhe ngolimi lweSizulu ingoba efuna ukuthi abantu bazigqaje ngolimi lwabo.

“Ulimi lwethu lweSizulu lunothile kanti lokho kwenza kube lula ukusho ngqo into engifisa ukuyidlulisela ebantwini.”

Uthanda kakhulu imisebenzi Gcina Mhlophe kanti ufisa ukuzibona dsezingeni lakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.