Ibuyisela emphakathini imboni yamatekisi

2015-06-18 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

UMnu Bheki Sokhela usihlalo wesoseshini bamatekisi esifundeni      uMgungundlovu, ethula inkulumo yakhe emcimbini wokunikeza abafundi bezikole ezihlukene umfaniswano obekwenzelwe eCity hall ngoLwesine olwedlule.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE UMnu Bheki Sokhela usihlalo wesoseshini bamatekisi esifundeni uMgungundlovu, ethula inkulumo yakhe emcimbini wokunikeza abafundi bezikole ezihlukene umfaniswano obekwenzelwe eCity hall ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEBEYINGXENYE yokunakekela abantwana abampofu kanye nabagibeli abanye babangcwabi bakuleli dolobha emkhankasweni owaziwa ngeSantaco (South African National Taxi Council)-KZN Schools Outreach programme owasungulwa yile nhlangano yamathekisi aseMgungundlovu.

Lo mkhankaso wokubhekelela abantwana ezikoleni kusona sonke isifundwazwe saseKZN waqalwa yibo bonke ososeshini abangaphansi kweSantaco eMgungundlovu ngenhloso yokubhekelela abantwana abaswele ngomfaniswano ezikoleni.

Umcimbi wokunikezela ngomfaniswano ububanjelwe eCity Hall ngoLwesine olwedlule.

Kumanje nje Santaco-KZN isikwazi ukuthi inikele ngomfaniswano ezikoleni ezahlukahlukene esifundwazweni sisonke.

Imboni yamatekisi isuke ingahambi yodwa kulo mkhankaso kodwa isuke inabaxhasi abehlukahlukene ebambisene nabo ukuze kubhekelelwe laba bantwana.

Abangcwabi Induduzo Funeral Home noSibiya Funeral Services abazange basale ngaphandle kulokhu njengoba nabo sebeyingxenye yabaxhasi okumanje sebesebenzisana nale nhlangano ukusiza ukungcwaba uma kusuke kushone umuntu engozini yethekisi noma eshayiswe ithekisi.

Usihlalo wale nhlangano eMgungundlovu uMnu Bheki Sokhela uthe njengabazali babuke babona ukuthi kuyadingeka ukuthi belule isandla basize abantwana ngokubathengela umfaniswano wesikole ukuze nabo bangaziboni behlukile kwabanye abantwana.

Uthe lo mkhankaso uqale lapha eMgungundlovu kodwa imboni yamatekisi esifundazweni iyonke nayo yagcina isiyingxenye yawo.

“Sibheke ukuthi ngonyaka ozayo sibhekelele abantwana abayinkulungwane (1000). Kulo nyaka sikwazile ukuthi sibhekelele abantwana abawu 760 kanti uma siqhubeka sisebenza ngokubambisana nabaxhasi bethu bonke lokhu sizophumelela.

“Lena yindlela yethu esibuyisela ngayo emphakathini. Imfundo ibaluleke kakhulu esizweni sethu futhi yingakho sibone kukuhle ukuthi sixhase abantwana okuyibona bantu abayisizwe sakusasa,” kusho uSokhela.

Ikhuluma kulo mcimbi, imeya uMnu Chris Ndlela uthe: “Lokhu onikwenzayo (imboni yamatekisi kuyancomeka kakhulu.

“Akukuncane neze kodwa kukhulu ngoba kubhekelelwa abantwana abavela emakhaya ahlukene.

“Njengoba ngimi lana phambi kwenu ngikhulumela abazali, othisha kanye namalunga omphakathi azwakalisa ukubonga,” kubeka uNdlela.

Lo mnikelo ukhule kakhulu njengoba phakathi kwabantwana abazomukela umfaniswano sekukhona nezinye izinhlanga okungabomdabu waseNdiya kanye nabamhlophe.

Ezinye zezikole ezinabafundi abaxubile ngokwebala izikole zamabanga aphansi i-Allandale, Ramathar, Berg Street ne-Orient Heights nezinye

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
There's an app for that: how apps have changed us

"There's an app for that" is more than just Apple's marketing mantra. Mobile apps have emerged over the last 10 years or so for practically every need in a person's day and changed our lives.

/World
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.