Imbongi yaseMgungundlovu ethubeni lendondo yama-Satma

2015-08-27 06:00

IMBONGI yaseMgungundlovu uNompumelelo Khumalo izodlana imilala nezinye izimbongi emncintiswaneni wama South African Traditional Awards (Satma) akulo nyaka.

UKhumalo umenyezelwe njengomunye wabaqokiwe emkhakheni we“best poet” emcimbini wokumemezela abakhethiwe obuseMmabatho Convention Centre eNorth West ngempelasonto esiphuma kuyona.

UKhumalo uqokwe ngenkondlo yakhe esihloko sithi ‘Ngamampunge lawo’. Le miklomelo ezobe igubha iminyaka eyishumi yasungulwa, ibuyiselwa KwaZulu-Natal kulo nyaka njengoba izokwenzelwa e-University of Zululand ngoMfumfu (October).

Umsunguli walemiklomelo uDkt Dumisani Goba unxuse ubumbano nokusebenzisana phakathi kwalabo abaqokiwe ukuba bancintisane kulo nyaka.

“Inhloso yalemiklomelo ukuhlanganisa izinhlanga ezihlukene, ngakho kuzoba kubi ukungcofana kwabaculi. Leli zwe linezinhlanga ezihlukahlukene ezikhuluma izilimi ezihlukene, ngakho kubalulekile ukuthi sisebenzisane,” kusho uGoba.

Kulo nyaka kulindeleke ukuthi umcimbi ube sezingeni eliphezulu njengoba kuzohlanganiswa nokugujwa kweminyaka eyishumi lemi klomelo yasungulwa.

Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe uKhumalo ongowokudabuka endaweni yaseNadi ngaPhezulu uthi uzizwa ejabule kakhulu ngoba kukhombisa ukuthi igalelo lakhe liyabonakala emphakathini.

Uthe: “Le nkondlo ngayibhala ngoba ngifuna ukuphikisa izinto eziningi ezishiwoyo, abantu abagcina sebezithatha njengeqiniso. Kule nkondlo ngiphikisa isisho esithi ‘Induku enhle igawulwa ezizweni’.

“Ngenxa yaleso sisho baningi abantu abangena emgibeni wokugawula ezizweni kodwa kugcine kuyinto engalunganga.”

UKhumalo owaqala ukuhaya izinkondlo ngo-2006 uphinde abe ngumbhali wezincwadi zesiZulu ezinye zazo ezifundwa ezikoleni. Abafisa ukumvotela bangathumela isms ethi Satma, Nompumelelo Khumalo, best poet ku 34066

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.