Imidlalo yabaphila nokukhubazeka eThekwini

2015-09-24 06:00

UMA ukwazi ukuyiphupha into noma ukuyicabanga leyo nto, kusho ukuthi ungakwazi ukuyenza. Phecelezi: If you can dream it you can do it.

Izikole zabantwana abaphila nokukhubazeka kuyoyonke iKwaZulu-Natal zizotshengisa izwe ukuthi nazo azizincinyane futhi ziyakwazi ukuzenzela cishe zonke izinto.

Lezi zikole eziyipesheli ekufundiseni lama qhawe esizwe nabaphila nokukhubazeka okuthile nokundlela ziningi zizobe ziqhudelana futhi zikhiphana inkani emidlalweni yazo nekubhekeke ukuthi ihehe izinkulungwane zababukeli.

Le midlali ihlanganiswe futhi yagqugquzelwa inhlangano eyizishovushovu kulolu hlobo lwemidlalo eyaziwa ngokuthi i-The Agape Love Sports.

Kanti le midlalo ixhaswe futhi yasekwa yiKwaZulu-Natal Department of Sports and Recreation.

Le midlalo ebizwa ngokuthi yi-The Agape Love Sport, Culture and Recreation Festival izobe ingomhlaka September 26 kwelikaBhanana, eThekwini phela ezinkundleni iHoy Park kusuka ngo-9:30 ekuseni kuya ku-4 ntambama.

Le midlalo ibalulekile kakhulu kuwonkewonke ngoba phela iqwashisa iningi ngokubaluleka nokuphila ngokuzivocavoca nokuhlala udlala.

Kule minyaka ukuhlala ngokudlala kanye nokuzivocavoca akusafanele kuthathwe njengokuqhudelana noma ukuwina okuthile kodwa sekuthathwa njengesitayela sokuphila nesibalulekile ukugcina umzimba uphile kahle.

Okubalulekile nangale midlalo ukuba ikwazi ukutshengisa ukuthi osisi nobhuti kanye nabantwana bethu abakhubazekile nabo bayakwazi ukwenza noma yini futhi abathintwa noma bayazifela ngezemidlalo kanti futhi bayakwazi nokucabanga.

Le midlali izobe igubha iminyaka emine yasungulwa, kanti isithathwa nanjengomcimbi omkhulukazi lapho kudlalwa cishe zonke izinhlobo zemidlalo ongazicabanga

Eminye yale midlalo ekubhekeke ukuthi kuqhudelwane ngayo yibhola lezinyawo, ibasketball, netball, ezokusubatha kanye neminye.

Isikhulumi sale midlalo uPhindile Makhaphela uthe: “Imidlalo enjengalela ichaza noma ibalulekile ukuqiniseka ukuthi abanye bethu abakhubazekile ngezindlela eziningi ukuthi nabo bakwazi ukujoyina amakilabhu ezemidlalo ukuze badlale imidlalo ehlukahlukene.

Imidlalo enjena iphinde ivumele noma ihlanganise bonke abantwana noma abantu abakhubazekile ngezindlela ezahlukene ithuba lokudlala ndawonye nokuthi bazane ukuthi bakhona nabanye abaphila njengabo.

Futhi-ke lemidlalo inikeza lokutshengisa amakhono ahlukene kwezemidlalo.”

Kanti omunye wothisha, uLindiwe Mvubu, ofundisa eNingizimu Special School uthe le midlalo iyangokukhula yonke iminyaka futhi isiheha izihlwele ngezihlwele ngenxa yobumnandi bayo nangendlela etshengisa ngayo amakhono namathalente

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.