Inyanga yokukhumbula uSteve Biko nayekulwela

2015-09-10 06:00

NJALO nje mzuku zingu-12 kuMandulo siye sikhumbule indoda eyayithanda abantu abansundu ngale ndlela, futhi ibafisela okuhle kodwa ngale ndlela, izitha zabantu abansundu zabona kungcono bayibulale.

USteve Biko, owaziwa kakhulu njengoyise wenqubo ebizwa ngokuthi iBlack Consciousness wabulawa ngamaBhunu ngalolu suku ngonyaka ka-1977, ayekade eyohlangana nabaholi benhlangano eyayilwela inkululeko yomuntu omnyama, eyayisekudingisweni ngaleso sikhathi. Athi angambopha amaphoyisa kahulumeni wobandlululo, amshaya ngendlela athanda ngayo, athi esuka lapho amfaka kwiveni engamgqokise lutho, ahamba naye besuka ePort Elizabeth bemuse ePretoria. Lokho kukodwa kwakhombisa unya nesihluku amabhunu ayenaso uma kuza kumuntu omnyama. Ngisho uhamba ngemoto yakho noma ngelinye lalamabhasi kanokusho aziwayo njengoGreyhound, ukusuka ePort Elizabeth uya ePretoria, uhambo olungelula, luyakhathaza. Manje ake ucabange umuntu olimele kanzima, ongagqokile, ulahlwe ngemuva evenini kuhanjwa naye uhambo olude kangako, ukuthi ubanjani lowo muntu.

AmaBhunu ayengathatha uBiko amuse eRoben Island njengoMadiba, Walter Sisulu, Ahmed Kathrada, Andrew Mlangeni, Raymond Mhlaba kanye nabanye, kodwa awakwenzanga lokho. Amabhunu abona ukuthi lo muntu nemfundiso yakhe yokuthi umuntu omnyama kumele azimele, futhi angazinyezi ngoba enesikhumba esimnyama, yayiyingozi kakhulu ukudlula lokho okwabanye abaholi ababethi akuthathwe izikhali kuliwe nohulumeni wobandlululo wamabhunu. UBiko kanye neBlack Consciousness waluqeda nya uvalo nokwesaba abelungu kumuntu omnyama, futhi wakuqeda nokuzenyeza konsundu ngesikhumba sakhe. Empeleni uma ubheka indlela uhulumeni wengcindezelo ayephethe ngayo abaholi nezinhlangano ezazikholelwa kwiBlack Conscioussness (BC), wayekhombisa isihluku esimangazayo.

Omunye wabangani baBiko nowayengumholi weBlack Consciousness Movement (BCM), u-Abram Tiro, wathi noma esebhace eBotswana, amabhunu amthumelela incwadi-mbumbulu, okwakuyibhomu, yaqhuma wafela khona lapho.

Omunye, uMohapi Mapetla, amabhunu ambulala ase ethi ushibilike kwinsipho waze wayophuma ngefasitela phezulu estezi lapho ayeboshwe khona. Kwizinhlangano ezaziqhuba inqubo ye-BC, kwathi nje ekusaphele inyanga amabhunu ebulele uBiko, uhulumeni wengcindezelo wazivala umlomo zonke, ukuze zingaloku ziqhuba leli vangeli loBiko.

Ngo-19 kuMfumfu, 1977, iBlack People’s Convention (BPC), South African Students Organization (Saso), Black Community Programmes (BCP) nezinye zavalwa umlomo. Zizonke zazilishumi nesikhombisa. Akugcinanga lapho, uhulumeni wamabhunu wavala namaphephandaba iWorld kanye neWeekend World, ngoba ethi la maphephandaba ayesekela inqubo nenkolelo yeBC.

Uze ubone ukuthi ayehlanya amabhunu aze avala umlomo nelinye iphephandaba elibizwa nge-Pro Veritate elalishicilelwa yinhlangano yezenkolo. Yize noma sekudlule iminyaka ecishe ibe ngamashumu amane abulawa ngalesiya sihluku uBiko, inkolelo yakhe yeBC isiyavela, yanda kakhulu kunangesikhathi esaphila. Futhi-ke abaholi abaningi namhlanje, iningi labo elisePhalamende, lancela yona le BC, futhi bayaziqhenya ngalokho. Ngikhuluma lapha ngabaholi abafana noDr Nkosazana Dlamini-Zuma, esikhuluma njengamanje ungusiHlalo we-African Union Commission laphaya e-Etopiya. IPhini likaMengameli uMhlonishwa uCyril Ramaphosa wayengumholi we BCM, kanjalo no-Popo Molefe, owake waba nguNdunankulu waseNorth West no Patrick ‘Terror’ Lekota owake waba uNdunankulu wase Free State wabuye waba nguNgqongqoshe woMnyango wezokuVikela kuleli kanye nabanye abaningi kakhulu ukuthi singababalo bonke lapha.

Enye yezinto uBiko nezinye izidlamlilo ayesebenza nazo ababekusho ukuthi leli lizwe thina singabantu abansundu salishiyelwa ngokhokho bethu, ukuze siqhubeke siphile kulo sinethezeke. Le ndaba yokuthi kusuke abantu lena koHolland bafike lapha bese kuba yibona asebesishayela imthetho enyanyekayo yobandlululo, uBiko wayethu akuliwe nayo leyo nto. Okunye uBiko asishiyela kona, ukuthi isizwe esinsundu masingavumi ukuqhekezwa phakathi ngokuhlanga. UmZulu, uMxhosa, umSuthu, uMndiya, AmaKhaladi, amaVenda, amaShangani, amaNdebele, sonke sasicindezelwe ngamaBhunu, ngakhoke kumele sihlangane sibe yimbumba, sakhe isizwe esisodwa sabantu baseSouth Africa. UBiko kanye neBCM babethi kungakuhle ukuthi uma leli zwe selikhululekile, ingasekho i-apartheid, libizwe nge-Azania ngoba sekuyizwe labantu abansundu asebekhululekile. Igama elithi South Africa akukwazi ukuthi ngempela sekungathiwa igama lezwe eliziqhenyayo ngalokho eselikuzuzile, emva kokuqumba phansi i-apartheid.

Sesibonile-ke izwe elalibizwa ngeSouth West Africa lilishintsha lelo gama selibizwa ngeNamibia, iSouthern Rbodesia iba iZimbabwe, Northern Rhodesia iba iZambia njalo njalo.

Uma siqhubeka ngokuzibiza ngeSouth Africa, sohlale njalo sikhumbula amabhunu nengcindezelo yawo, kanti uma sesizibiza ngabantu base-Azania, sobe sesibheke phambili, sesenza izinto zivumelane nathi abantu abawumsinsi wokuzimilela kuleli.

Angithi zingakafiki izifiki kuleli, umuntu onsundu wayevele ekhona lapha, ephile nje kahle kamhlophe

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.