Inzima impilo kumndeni waseMbali 18Bheka ikhansi 4

2015-08-27 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

UNksz Thoko Bhengu emi ngaphandle komuzi wakhe lo athi awukho esimeni esihle ukuthi ungahlala umndeni.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE UNksz Thoko Bhengu emi ngaphandle komuzi wakhe lo athi awukho esimeni esihle ukuthi ungahlala umndeni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUYINTO ejwayelekile ukuthi amalunga omndeni wakwaBhengu ayisithupha (6) alale engadlile uma kungazange kube khona uMsamariya olungile olule isandla.

Lo mndeni waseMbali Unit 18 okubalwa nabantwana abane abayizintandane uthi uthwale kanzima kusukela ngesikhathi kulimala uNksz Thoko Bhengu ongumama wekhaya.

UBhengu (50) wawa walimala iqakala ngonyaka odlule lokho okwenza ukuthi angabe esakwazi ukuthi asebenze ukuze azokwazi ukondla umndeni wakhe.

Uthe emva kokulimala kwatholakala ukuthi unesifo sofuba (TB) esesimkhinyabeze unyawo. Kumanje uhamba ngohlaka lokuhamba (walking frame) ngenxa yokulimala.

“Ngihlala nabantwana abashonelwa abazali. Ngihlala nendodana yami nayo okwaphoqeleka ukuthi iyeke isikole ukuze izokwazi ukungibheka ngesikhathi ngilimele ngingakwazi ukuhamba. Waphuma enza ibanga lesishagalombili, kwadingeka ukuthi azongigada ngoba akekho omunye owoyezokwazi ukungigada. Indodakazi lena ezalwa udadewethu ongasekho nayo ikhona ihlala nathi lapha ekhaya nabantwana bayo. Lokho kwenza ukuthi sibe baningi futhi kube nzima nesimo sempilo. Uma singazange sisizwe amalungu esonto ngokudla, siye singazi ukuthi sizokwenzenjani ngoba kuba nzima impela.

“Sekuze kwayinto ejwayelekayo ukuthi siyalala ngaphandle kokudla ngezikhathi ezinzima,” kusho uBhengu.

Uqhube wathi okunye okuye kubasize kuba imali yesibonelelo sikahulumeni yabantwana ababili okungabazukulu bakhe.

“Kunabazukulu ababili obazalwa ile ndodakazi kadadewethu okuyibo nabo ababuye basize ekutheni sikwazi ukuthenga impuphu sikwazi ukuthi silale sidlile kwezinye izinsuku. Okwenzekayo ukuthi ngesikhathi ngisesibhedlela e-Edendale kwangena abantu bagqekeza lapha endlini bathatha yonke into yami kanye ne-ID. Ukuthathwa kwe-ID kwenze kwaba yinkinga ukuthi ngibhalise imali yesibonelelo. Kukona konke okwenzekayo esikufisayo ukuthola indawo engcono yokufihla ikhanda.

“Indlu esihlala kuyona inamagumbi amane kodwa ayikho esimeni esigculisayo. Ebusika kungena makhaza kanti ehlobo iyavuza uma imvula ina kungena amanzi endlini kanti lokho kuyisimo esibi kakhulu ikakhulukazi kubantwana,” kuqhuba uBhengu

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.