‘Isinyamalele’ inhlangano yamaphasela okudla

2015-09-17 06:00

UMPHAKATHI wakwadi 8 ngaphansi kwekhansela uMnu Bethwell Ngcobo uthi ukhathazekile ngoBuntu Trust okuyinhlangano abathi yabakhokhisa imali engango R20 ukuze bakwazi ukuthola amaphasela okudla kulo nyaka ngenyanga kaMasingana.

Kumanje le nhlangano ayibonwa nangokhalo ukubuyela emphakathini ilethe amaphasela okudla njengoba yabe ithembisile.

I-Echo yalushicilela lolu daba emva kokuba kube nezinsolo zokuthi abantu babebhaliselwa ubulunga benhlangano ebusayo i-ANC. UNgcobo wazichitha lezi zinsolo wathi ukubhaliswa kwabantu kwakungahlangene nakancane nobulungu be-ANC.

Ekhuluma ne-Echo mayelana nokuhamba ijubalale Ubuntu Trust uthe naye uze wasukuma wayocela ukuba alulekwe iziphathimandla zamaphoyisa ngoba ebona ukuthi le nhlangano ayiveli njengoba yayithembisile.

Uqhube wathi ululekwe ngokuthi kumele avule icala avulele Ubuntu Trust ngenxa yokuthi nabantu bayakhalaza ngokuthi kunezinto zabo ezibalulekile ezinjengama khophi omazisi ezahamba nale nhlangano.

“Bengilokhu ngizame njalo ukuxhumana nabo ngibathinte ngocingo kodwa bengaphenduli noma bengatholakali. Kuthe nje emva kokuthi ngibonane namaphoyisa emva kwamasonto ngathola umqhafazo ovela kubona bengitshela ukuthi ababalekile kodwa abekho kuleli zwe basezweni lase Ethiopia. UNksz Thokozile Ngcobo okunguye ebengixhumana naye uthe bazohlela usuku abazofika ngalo Futhi nalokho wathi bazongazisa. Ngisalinde bona njengamanje ukuthi bangazise ukuthi ngabe kuqhubekani,” kusho ikhansela.

Ebuzwa uNgcobo ukuthi ngabe mingaki imindeni ethintekayo neyabhalisela lolu hlelo lokwabelwa ukudla uthe iyonke imindeni ingu 1 492.

“Lesi sibalo sihlanganisa nabantu abakhubazekile. Bonke bakhokha le mali engango R20. Okunye abase bekuhlelile ukuthi esikhundleni sokuthi abantu banikezwe ukudla kungagcono bathole ama voucher ukuze bazokwazi ukuthi baye ngawo ezitolo bayothenga ukudla. Lokho ke bekungakenzeki okwamanje njengoba sisabalindile nje,” liqhuba ikhansela.

Oyilungu lomphakathi ongathandanga ukudalulwa uthe okubi kakhulu ukuthi kunomazisi babantu abathathwa yile hlangano bahamba nayo.

“Lokho kukodwa kudala ukuthi kube nokwesaba ukuthi ngabe izinombolo zomazisi zabantu ziphephile yini,” kusho isakhamuzi.

Ayitholakalanga le nhlangono kuphawula

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.