Isoka ‘likhiphe’ isidumbu nge ‘whatsapp’

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese

UMnu Sipho Ntombela ephethe isithombe sikadadewabo uNksz Ningi Ntombela obulawe ngesihluke Esigodini ngeledlule.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese UMnu Sipho Ntombela ephethe isithombe sikadadewabo uNksz Ningi Ntombela obulawe ngesihluke Esigodini ngeledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USHAQEKILE umphakathi wasendaweni yaseSlenge Esigodini ngesenzo sokubulawa ngesihluku kwentombazane yendawo etholakale inqunyiwe ngeledlule.

Kubikwa ukuthi uNksz Ningi Ntombela (24) ugwazwe isoka lakhe laqeda lamnquma uqhoqhoqho esikhotheni ngaphandle kwakubo.

Umfowabo kamufi uMnu Sipho Ntombela okhulume ne-Echo uthe namanje umndeni usashaqekile emva kokuba omunye womakhelwane ehlabe ikhwelo ngalesi senzo.

Umsolwa olinganiselwa eminyakeni engama-24 kuthiwa ube eseboshwa khona lapho. UNtombela uthe yize bengazi kahle ukuthi kusukephi, inkinga iqale ngomyalezo ka whatsapp obuphakathi kukamufi nobaba wengane yakhe asahlukana naye.

Uthe: “Umsolwa uthole ukuthi umufi ngathi ubesenokubuyisana nobaba wengane yakhe eneminyaka emibili. Uqale wayomcuthela eMkondeni lapho esebenza khona, lapho efika wamklinya kanti ngebhadi kunamlaungu omphakathi ambonayo wagcina ngokumyeka.

“Ugcine eseshisa umuzi abeqashe kuwo. Emva kwalesi gameko uzamile ukumncenga, bagcina bexolelene waze wasuka eMkondeni wayohlala kubo Esigodini. Thina siwumndeni besazi ukuthi useMkondeni, sishaqekile uma sesithola umyalezo ukuthi nangu esedindilize phansi.

“Into esiyibonile ngeke siphinde siyikhohlwe ngoba yize engamnqumanga ikhanda, uqhoqhoqho ubuzibonakalela.”

UNtombela uthi yize bebengazi ngokuxabana phakathi kwalezi zithandani, umsolwa besekuyinto ayihlelile njengoba eke asongela ukuthi uzobulala udadewabo nesoka lakhe.

“Sishaqekile, izinto ezinjena besijwayele ukuzibukela kude, kodwa sizibone eduze,” kusho yena.

Amalungu omphakathi asibonile lesi sigameko kepha angathandanga ukudalulwa athi ashaqekile njengoba kungokokuqala ngqa kwenzeka into enjena kule ndawo.

Okhulumela asePlessislaer uKaputeni Musa Ntombela ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe endaweni yesigameko.

Uthe: “Umufi ubenamanxeba okugwazwa emqaleni, elinye libe semhlathini wesokudla. Siyabonga kakhulu kumaphoyisa esiteshi i-Plessislaer okuyiwona asukume ngokuphuthuma endaweni yesigameko.” Umufi ufihlwe ngoMgqibelo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.