Iyaqala imidlalo yePSL kule mpelasonto

2015-08-06 06:01

CISHE ukuwina kweMaritzburg United iKwaZulu-Natal Premier’s Cup ngempelasonto kuchaza ukuza kwezinto ezinhle kuleli qembu njengoba sekuqala umkhankaso wePSL.

Zonke izinto sezimi ngomumo ukuze kuqale isizini entsha. Noma-ke maphakathi nesonto imidlalo yeMTN8 iqalile kodwa amehlo azobe ethe njo kweyeligi ngale mpelasonto.

Kule sizini iKwaZulu-Natal izobe imelwe amaqembu amabili nje vo, iMaritzburg United kanye neLamontville Golden Arrows.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi uSuthu lwagcina ludliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule. Abaphathi baleli qembu bathi konke sebeqonde nje ngothi lomkhonto futhi bathi nje ibambe ngakho.

Kuyisibuso-ke ukuthi Abafana Bes’thende bagcina bebuyile kwiPSL emva kwesizini eyodwa kwiNational First Division (NFD), ehlathini phela.

Imidlalo yeligi izoqala ngalo Mgqibelo (August 8).

Abafana Bes’thende bazodlala eChatsworth Stadium ne-University of Pretoria ngo-3pm ngeSonto.

Noma i-Arrows ingasaqeqeshwa abayibuyisa ehlathini oShaun Bartlett noBheka Phakathi, okhulumela iqembu uKanu Vilakazi uthi izinto zimi ngothi.

UVilakazi uthi futhi izinto sezihlangene kanti nesizini entsha kwiPSL sebeyilungele.

“Sesiqedile ngamalungiselo esizini entsha. Siyacabanga ukuthi konke sekulungile. Siyazi ukuthi angeke kube lula ngoba phela sivela kwiNFD kodwa-ke futhi abantu kufanele bakhumbule ukuthi asibasha kahle kahle kwiPSL.

“Sinenhlanhla futhi ukuthi iningi labadlali bethu ekade sidlala ngabo kwiNFD babekhona ngesikhathi sisadlala kwiPSL,” kusho uVilakazi.

UVilakazi uthi mhlambe kuzobaluleka ukuthi imidlalo emihlanu yokuqala baqoqe amaphuzu ambalwa.

“Imidlalo yokuqala ibalulekile kakhulu futhi sizozama ukuqoqa amaphuzu.”

Kanti iTeam of Choice izodlala neJomo Cosmos ekhaya, Harry Gwala Stadium ngo-5pm.

Okhulumela i-United uBrian Zuma uthe ukuzilolonga kwabo kwi-off-season kuhlanganise oku ningi futhi nabadlali nomqeqeshi uMandla Ncikazi ukwazile ukubona nokuhlanganisa ekade ekufuna.

“Umqeqeshi wethu uzibambe ngakho futhi kuqonde konke. Siyajabula ukuthi umdlalo wethu wokuqala uzobe usekhaya. Siyayihlonipha iJomo Cosmos kodwa nathi ngeke sivume ukukhihwa esibayeni sethu,” kusho uZuma.

Kanti imidlalo isiyonke imi kanje:

NgoMgqibelo

Kuzoba iFree State Stars ne Black Aces eGoble Park ngo-3 ntambama, Polokwane City ne Bloem Celtic e-Old Peter Mokaba Stadium ngo-3 ntambama, iPlatinum Stars ne Mamelodi Sundowns eRoyal Bafokeng Stadium ngo-8:15 ebusuku, Bidvest Wits ne Ajax Cape Town eBidvest Stadium ngo-8:15 ebusuku.

NgeSonto

I-Golden Arrows ne-University of Pretoria Chatsworth Stadium ngo-3 ntambama, Chippa United ne Kaizer Chiefs eNelson Mandela Bay Stadium.

NgoMsombuluko

I-Maritzburg Utd ne Jomo Cosmos eHarry Gwala Stadium ngo-5 ntambama

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.