Izinduna zimashela amaholo nezinsiza-kusebenza

2015-06-25 06:00
PHOTO: wHATSAPP

Usihlalo wezinduna esindazweni uMgungundlovu, uMduduzi Mthethwa.

PHOTO: wHATSAPP Usihlalo wezinduna esindazweni uMgungundlovu, uMduduzi Mthethwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IZINDUNA zemikhandlu yamakhosi KwaZulu-Natal zivivela ukumasha edolobheni ngoLwesibili oluzayo emkhankasweni wazo wokuphoqa uhulumeni wesifundazwe aziholele nokuthi zithole izinsiza-kusebenza.

Usihlalo wezinduna esifundeni uMgungundlovu futhi oyinduna yakwaNyavu, uMduduzi Mthethwa, utshele i-Echo ukuthi okungenani izinduna ezibalelwa ku-1 200 zizokhombisa ukunengeka kwazo, ngokuhudula izinyawo kukahulumeni ngalezi zindaba nezinye, ngokuthi zimashe.

“Imashi yethu izosukela eDales Park ngo-9 ekuseni bese siya eMnyangweni wezobuHoli beNdabuko lapho sizonikezela khona ngencwadi yethu yezikhalo,” kusho uMthethwa.

Uthe sebelulwe lolu daba kusuka ngo-2013 emva kokuba uMengameli Jacob Zuma esayinde isigunyazo sokubonelelwa kwezinduba kodwa kuze kube imanje azikaholelwa izinduna.

“Lokhu kusho ukuthi izinduba zikweletwa imiholo ka-2013, 2014 no-2015. Akukho neyodwa induna eholelwayo lapha KwaZulu-Natal kodwa ziyaholelwa kwezinye izifundazwe.

Uthe okunye abakudingayo beyizinduna izinsiza-kusebenza.

“Uthola ukuthi imikhandlu inamakhompuyutha kodwa awekho amaphepha okuwasebenzisa kanti futhi awanakekelwa aze agcine esehlupha.

“Kanti futhi sifuna omabhalane bemikhandlu baqashwe uhulumeni ngokugcwele njengoba kwenzeka kwezinye izifundazwe. Hhayi lokhu kokuthi imikhandlu ayizikhokhele yona laba basebenzi,” kubeka uMthethwa.

Uthe imikhandlu ayinamali ngoba ayikho imali oyiqoqa kwizakhamizi. Uveze ukuthi uma bebuza umnyango ngokungaholelwa kwabo, uthi awanayo imali njengoba lesi sifundazwe sinezinduna eziningi ngaphezu kwezinye.

“Thina sithi phela uma isifundazwe sinabantu abaningi kunezinye, sizokuba nezinduna eziningi,” kusho yena.

Uphinde waveza ukunengeka kwabo beyizinduna emva kokuba bebizelwe emhlanganweni ka-6 June obekuthiwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli beNdabuko KwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube, uzokhuluma nabo kuwo kodwa akangafika.

“Iminyaka emithathu balukho besitshela ukuthi basafuna imali yokusiholela. Thina sithi abasitshela ukuthi sebethole malini kusuka kuleso sikhathi kuze kube manje khona bezo beqala besiholela. Kodwa bavela bathi ayikho esikhona,” kusho uMthethwa.

Uthe sebewachazele wonke amakhosi ngomshikashika wabo wokuthi bafune ukuholelwa nokuthi bathole isabelo-mali ukuphatha imikhandlu.

Okhulumela umnyango uLennox Mabaso uqala akangafuna ukukhuluma okudlula ukuthi sebezitshelile konke okufanele bazitshele khona izinduna.

Kodwa ubuye wathi imali abayikweleta izinduna nje iyodwa ilinganiselwa ku-R400 million.

“Asinayo leyo mali. Futhi uma sekufanele siqhubeke sizikhokhele zinyanga zonke sizodinga uR500 million. Inkinga wukuthi ziningi kakhulu izinduna KwaZulu-Natal,” usho kanje.

Uthe hhayi ukuthi abafuni ukuzikhokhela kodwa imali engekho njengoba beselinde umphumela wesicela sabo sale eMnyangweni weziMali kuzwelonke.

“Ithina esaba yisifundazwe sokuqala eNingizimu Afrika ukhokhela izinduna engakamemezeli ngisho ukumemezela umengameli ukuthi ziholelwe.

“Saziniki imihlomulo (stipends) ka-R1 300 umuntu. Uma sesinayo futhi imali zingayithola ngisho ngakusasa imali yazo,” kusho uMabaso

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Jordaan missing in action

2016-09-25 00:00

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.