Izinyembezi bethola imizi emihle

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE:nokulunga ngobese

UNksz Ntombfikile Vilakazi emi ngaphandle komuzi wakhe awunikelelwe uMnyango wezokuThutha ngeledlule.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese UNksz Ntombfikile Vilakazi emi ngaphandle komuzi wakhe awunikelelwe uMnyango wezokuThutha ngeledlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBE nezinyembezi zenjabulo uNgqongqoshe kazwelonke wezokuThutha uNkk Dipuo Peters enikela ngemizi kubahlali abahlanu basendaweni yase-Shayamoya eNhlazatshe ngeledlule.

Ukuvulwa ngokusemthethweni kwale mizi esifakwe nefenisha kulandela imbizo kaMongameli uJacob Zuma eyaba khona kuleli dolobha ngoMandulo (September) wanyakenye, lapho ayezozizwela izidingo zomphakathi.

UNgqongqoshe uPeters wabe esethunyelelwa kule ndawo, lapho afike aqoka khona imindeni emihlanu eyayihlala ngaphansi kwezimo ezinzima ukuthi kube iyona ethola ukusizakala.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha uMnu Ismael Mnisi uthe: “Ngoxhaso olutholakele ezinhlakeni ezihlukahlukene okubalwa kuzona uMasipala waseMsunduzi, Raubex Groub LTD, uMnyango wezokuThutha ube usukwazi ukuthi wakhele labantu abadingayo imizi.

“Umnyango wakwaRoad Traffic Management Cooperation (RTMC) ube usuzibophezela ukuba ukhokhele izindleko zemfundo ephakeme zomunye wabantwana abaqhamuka kule mindeni.”

Omunye wabahlomulile ngaphansi kwalolu hlelo uNksz Ntombfikile Vilakazi uthe impilo yakhe ayisophinde ifane, njengoba ebehlala emzini wodaka obungena amanzi uma lina.

Uthe: “Ngijabule kakhulu, angazi nokuthi ngingathini kokungaka esikwenzelwe uhulumeni wethu. Besingabhekile ukuthi kuzoshesha kangaka, njengoba sathenjiswa yona ngoMandulo ngonyaka odlule.

“Njengoba kungena ubusika nje, amakhaza sizowezwa ngendaba, njengoba sinogesi namanzi ashisayo. Bekuthi uma kunetha, ngindlale oplastic phansi lapho ngilala khona ukuze kungangeni amanzi. Sinezindlu ezinamakamelo amahlanu, ezivulwe sezifakelwe nempahla yonke yasendlini.”

UVilakazi uthe baphinde bathenjiswa ukuthi bazonikwa amathuba emisebenzi uma eqhamuka.

Ikhansela likaward 11, uMnu Sipho Madonda, lithe: “Siyakujabulela ukuthi kukhethwe labantu emphakathini, ngoba isimo abebehlala ngaphansi kwaso bekungesona esempilo.

“Siyabonga nakwithimba le-Operation Sukuma Sakhe lakulesi fundazwe okuyilona ebelisebenza ngokuzikhandla, ukuze ukwakhiwa kwale mizi kube yimpumelelo. Esikujabulela kakhulu ukuthi amalungu ale mindeni azohlumula ekutholeni imisebenzi ngaphansi kwephrojekithi eyaziwa ngoZibambele engaphansi koMnyango wezokuThutha.

“Ngiyacela ukuba le mindeni iyiphathe kahle le mizi, ngoba ayikho into ebalulekile njengokuthi into oyiphiwe uyiphathise okwezikhali zamaNtungwa.”

UMadonda uphethe ngokuthi le mindeni izoqhubeka nokuvakashelwa, njalo emva kwezinyanga ezintathu ukubheka isimo sayo njengoba abanye isimo sabo sempilo singesihle

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.