Izoheha imidlalo yeMTN8 Cup

2015-08-13 06:00

IMIDLALO yomqhudelwano weMTN8 Wafa Wafa ibhekeke ukuthi idonse amehlo abathandi bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo

Noma iningi labantu baseMzansi bebesathokozela ukuqala kwemidlalo yesizini entsha ngaphansi kwe-Absa Premiership, izinto zizothi ukushintsha kancane nokudla kushintshe epuletini.

Phela ngale mpelasonto amehlo azobe ethe njo kuma semi finals eMTN 8, Wafa Wafa yodumo. Ekupheleni kwesonto eledlule, ikomiti lePSL elibhekene nokugqugquzela imidlalo like lathi ukuhlala phansi laqoka izikhathi, izinsuku nezinkundla okuzokudlalelwa kuzona.

Le mpelasonto eqala kusasa ibukeka izoshuba kakhulu ngesikhathi imidlalo yalo mqhudelwano iqhubeka. Phela kulokhu kuzobe kudlalwa imilenze yokuqala yala semi finals. Kuzokhumbuleka phela ukuthi ngaphambi kokuthi amaqembu afinyelele kowamanqamu kufanele anephuzane kabili ukuze akwazi ukudlulela kweyamanqamu (two legged semi finals).

Ukukhuluma kuzoqala ngaloMgqibelo lapho izitha ezingahlekisani kulezi zinsuku iBidvest Wits ne-Ajax Cape Town bezobambana kusiphuke izidindi emlenzeni wokuqala weMTN8 semi final.

Phela iZitshudeni (Wits) eseziqeqeshwa uGavin Hunt kanti kwi-Urban Warriors izintambo sezibanjwe uRoger De Sa owake waqeqesha ezaseMilpark (Wits) isikhathi eside ngaphambi kokuya kwi-Orlando Pirates.

Sixoxisana nalaba baqeqeshi kuleli sonto, bobabili bavumile ukuthi impela kuyoba mnyama phansi futhi kuyoliwa kuze kube manzi phansi.

UDe Sa uthe kunomlando omnandi phakathi kwala mathimu futhi umdlalo wabo awukaze ube lula.

“Eish! kuzobanzima, akekho kahle-kahle oke afune noma athande ukuthi sihlangane. Angifuni ukuthi ngilokhu ngithemeleza, lo mdlalo uzoba nzima kuwo womabili amaqembu. Mangisho nje ukuthi iqembu eliyonqoba eliyobe linenhlanhla enkulu nesebenzise amathuba ayo ngokufanele,” kusho uDe Sa.

UHunt yena ucele ukuthi akhulumise ibhola kuqala ngosuku lomdlalo ngaphambi kokwanda ngomlomo. Kodwa ushilo naye ukuthi koba mnyama phansi. “Kuzoba nzima khona.”

Lo mdlalo uzoqala ngo-8.15pm.

iKaizer Chiefs izobambana neBlomfontein Celtic ngeSonto eFree State Stadium. Lo mdlalo wona uzoqala ngehora lesithathu (3pm).

Umqeqeshi weKhosi, uSteve “Mphathi” Komphela uthi uhambo lwabo ukuya eFree State luzosinda kodwa-ke kofanele badlalise okwamadoda futhi baqine ukhakhayi.

“Akukaze kube lula ukubhekana neCeltic ekuhambeni futhi bahlale njalo beyingozi. Kofanele silindele noma yini nathi siqine yonke indawo,”kusho uKomphela.

Kanti imidlalo yemilenze yesibili kulo mqhudelwano isiyoba ngomhlaka 29 no 30 ku-August.

Amathikithi aseyatholakala kuzozonke izikhungo zawo kuzwelonke

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Jordaan missing in action

50 minutes ago

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.