Kufe owesifazane oshishwe nge-acid eWillow

2015-08-27 06:01
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

UNksz Thulile Phungula obulawe ngesihluku. Osolwa ngokubulala ubaba womntwana wakhe obengasathandani naye owamshiya ingane yabo inezinyanga eziyisikhombisa izelwe.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE UNksz Thulile Phungula obulawe ngesihluku. Osolwa ngokubulala ubaba womntwana wakhe obengasathandani naye owamshiya ingane yabo inezinyanga eziyisikhombisa izelwe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ezimathonsi umndeni wakwaPhungula eWillowfontain ngokubulawa kukaNksz Thulile Phungula okusolakala ukuthi ubulawe uyise womntwana wakhe ngokumklinya qede wambhunyela nge-acid.

Lesi sehlakalo esishaqise umphakathi waseWillowfontain senzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngokuchaza kuka Nonsikelelo Phungula (33) ongumamncane kaThulile. Uthe namanje abakakholwa ngokwenzekile ngoba kubashaqisile ngendlela isimo esabe siyisona.

Uthe uThulile emva kokuthi egaqe ngamadolo wakwazi ukuzofika endlini, ubebonakala sengathi uyisilwane njengoba kwakushintshe ngisho izwi lakhe. NgoMgqibelo bamphuthumisa esibhedlela nokuthe ngoMsombuluko kwabe sekumenela.

Utshele i-Echo okunguyena osolwa ukuthi wenze lokhu ubaba wengane kaThulile obengasathandani naye. Igama likamsolwa iphephandaba i-Echo inalo iligodlile kuze kube umsolwa uyaboshwa.

“Asazi ukuthi waphuma nini eya kuyena ubaba womntwana wakhe ngoba sabona esebuya nje kuyena esefana nesilwane. Wangena lapha endlini egaqa ngamadolo nokulapho washo ukuthi kade enobaba womntwana wakhe okunguyena athi uqale wamklinya emva kwalokho wabe esemphuzisa i-acid.

“Umqala wakhe ubushintse umbala kanti namehlo akhe abesabisa nawo eshintshe umbala. Yize bekungasakhulumeki kodwa ubelokhu elibize njalo igama likababa womtwana wakhe. Kulokhu okuncane abekwazi ukukusho uthe umklinyile emva kwalokho wamphuzisa i- acid naphinde wamthela ngayo emathangeni. Bekushintshe ngisho izwi lakhe ngesikhathi ekhuluma kanti nephunga lento ebiphuma emlonyeni wakhe belizwakala kuyiphunga elibi kakhulu,” kusho umamncane.

Umama kaThulisile uNkk Gugu Phungula uhlulekile ukukhuluma. Uvele wakhala ebalisa ngendlela enesihluku okubulawe ngayo indodadakazi yakhe. Akushilo nje ukuthi indodakazi yakhe ibulawe kabuhlungu kanti futhi ishiye ingane u-Asphile Phungula oneminyaka emithathu.

“Akukho engingakusho ngaphandle kokuthi nje umntanami akasekho. Ubulewe futhi wabulawa ngesikhulu isihluku kodwa-ke akusenani,” kusho unina kaThulile.

Okunye okuvezwe umndeni ukuthi ingubo yokulala ebigqokwe uThulile ibizimbobombobo kanti futhi nesikhindi sakhe sangaphansi sitholakale ngaphandle komuzi.

“Kusho ngokusobala ukuthi lo mlisa umkhumule ngesikhathi emthela nge-acid emathangeni,” kusho omunye wodadewabo.

UThulile ubulawa nje ubezoqala emsebenzini omusha ngenyanga ezayo uMandulo. Okunye ubehlele indumezulu yomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa lomntwana.

Ikhansela lendawo uMnuz Sibusiso Mkhize usigxekile lesi senzo wathi kuyisenzo esibi kakhulu. “Akekho umuntu okumele azithathele umthetho ngezandla. Okubi ukuthi ngalesi senzo sekuzochaphazeleka imindeni emibili. Umndeni walowo oshonelwe nalowo obulele,” kusho uMkhize.

Okhulumela amaphoyisa ukapteni Musa Ntombela uthe amaphoyisa ayazi ngalesi senzo kanti futhi azophenya aphinde abophe umenzi walokhu. Uthe esitatimendeni kuvelile ukuthi uThulile uklinyiwe wase ephuziswa uketshezi.

“Singamaphoyisa sizophenya bese siyabopha, nakanjani ukhona ozokhalelwa amasongo kaSigonyela. Esikucelayo nje ukuthi umndeni nomphakathi wehlise amaphaphu,” kusho uNtombela.

Lezi zehlakalo zokubulawa kwabesifazane sezandile eWillowfontain. Ngonyaka odlule kwabulawa owesifazane ebulawa umyeni wakhe. Kuneminye imibiko yowesifazane oshiswe isoka lakhe emasontweni adlule

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.