Kukhathaza amaphoyisa ukuzibambela komphakathi

2015-09-24 06:00

AMAPHOYISA anxusa umphakathi ukuthi ungazibambeli umthetho ngezandla ngokushaya labo abasuke besolwa ngokwenza ubugebengu ezindaweni zabo.

Lokhu kushiwo okhulumela amaphoyisa ase-Plessislaer uKapteni Musa Ntombela ngesikhathi exoxa ne-Echo ngesimo okubikwa ukuthi sibi kwa wadi 8 lokudlanga kokugqekeza nokwebiwa kwezinto zensimbi okuhlasele leya ndawo.

Izindawo okubikwa ukuthi zikhungethwe ilesi sihlava iseZondi Store naseMaswazini.

Ilunga lomphakathi elikhathazekile lithe sekube neziwombe eziningi lapho kubanjwa iqulu labafana abasuke besolwa ngobugebengu khona kule ndawo. Uthe ngoNtulikazi (July) umphakathi ubambe iquludlwana labafana elisolwa ukuthi yilo elebayo futhi ligqekeze nasendaweni. Liqhuba leli lungu lithe kuthe ngoNcwaba (August) kwaphinde kwabanjwa elinye futhi iqulu labafana nalo eliyingxenye yokweba. Ngawo futhi uNcwaba kuphinde kwabanjwa kwatitinywa owesilisa okuthiwa ungene wagqekeza kweminye yemizi endaweni wabe imali.

“Kuzo zonke lezi ziwombe ezenzekile laba bafana ababoshwa yingakho nje umphakathi uvele ubatitinye ngoba amaphoyisa ahudula izinyawo uma ebikelwa.

“Kukubi kunjalo futhi umphakathi wazi ukuthi ukuzishayela abantu kuphambene nomthetho futhi kuyicala kodwa akukho umphakathi okubona kuyisisombululo ngaphandle kokuzititinyela wona ngenduku.

“Okuphinde kwavela ukuthi khona lapha endaweni kunezidleke zesidakamizwa iWhoonga. Iqulu lesibili labafana ababanjiwe bagaxwa induku bazisholo bona ukuthi izidleke zalesi sidakamizwa sikuphi futhi idayiswa obani. Abantu bakhona lapha endaweni kodwa phezu kwakho konke lokho amaphoyisa awazange ahlasele leyo mizi ukuyobheka. Lona wesilisa obanjwe waveza le mizi amaphoyisa ekhona ngoba aqhamuka ngalo mzuzu umphakathi owabe umthelekele ngawo.

“Akukho muntu owaboshwa futhi le mizi isadayisa lesi sidakamizwa udede nje,” kusho isakhamuzi.

UNtombela usigxekile isenzo somphakathi wathi umphakathi unelungelo lokuzobika emaphoyiseni uma kunezikhalazo noma kunobugebengu obukhona obuqhubeka endaweni.

“Umnyango wethu uhlala uvulelekile singamaphoyisa. Okunye ngeke ngakwazi ukuphawula kungekho cala elivuliwe mayelana nezigigaba umphakathi okhala ngazo.

“Izakhamuzi azibike emaphoyiseni ngaleyo ndlela lokho kuzokwenza ukuthi namaphoyisa akwazi ukubhekana futhi ubophe abenzi bokubi.

“Ngiyathembisa ukuthi njengoba lokhu sekufinyelele emaphoyiseni ngizokwenza uphenyo ngezigameko ngithole ukuthi ngabe zenzeka yini. Phezu kwakho konke siyanxusa ukuthi umphakathi ungazibambeli umthetho ngezandla ushaye abasolwa,” kuqhuba uNtombela

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.