Kukhethwa uzime waMakhosi eVulindlela

2015-06-25 06:00
ISITHOMBE: sithunyelwe 

Umgqugquzeli ka Miss Kaizer Chiefs waseVulindlela uMbuso Mnyandu uphahlwe izintokazi      ebezingenele lomqhudelwano ngonyaka odlule oSindiswa Mbelu (kwesobunxele) kanye noThapelo Ngcobo.

ISITHOMBE: sithunyelwe Umgqugquzeli ka Miss Kaizer Chiefs waseVulindlela uMbuso Mnyandu uphahlwe izintokazi ebezingenele lomqhudelwano ngonyaka odlule oSindiswa Mbelu (kwesobunxele) kanye noThapelo Ngcobo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABALANDELI beKaizer Chiefs eVulindlela bazoba noMiss Kaizer Chiefs ngo-5 July ehholo lomphakathi khona kule ndawo kusuka ngo-11 ekuseni.

Umgqugquzeli kalo zime oba minyaka yonke uMbuso Mnyandu uthe inhloso enkulu wayo ukuzama ukugqugquzela intsha ukuba ithande ibhola, ikakhulukazi iKaizer Chiefs, ukuze iqhele ezintweni ezihlangene nobugebengu nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

“Silindele izintokazi eziliqhamukisa eThekwini, e-Estcourt, Ladysmith, Dundee, Nquthu, Mshwathi, Xobho, Mzimkhulu, Impendle noMgungundlovu. Impela amajaji azothwala kanzima kulo nyaka,” kusho uMnyandu.

Uthembise ukuthi lo mqhudelwano kazime waMakhosi uzobe uhlelwe ngobunyonincu obusezingeni eliphezulu kakhulu.

Usihlalo wegatsha uMandla Mhlongo uthi intsha yendawo iyazithemba izinto ephathelene noMnyandu ngoba ayaziwa amagalelo akhe ekulweni nezinto ezifana nokusetshenziswa kwezidakamizwa kanti futhi uyifundisa nangenhlonipho.

UMnyandu uthe: “Kuzobe kungokwesithathu senza lo mncintiswano. Kowoqala owadla umhlanganiso u-Ayanda Shangase waKwaGezubuso. Ngo-2014 othathe isicoco uNondumiso Jozana waKwaCaluza.

Uthe ukuqala lo mcimbi kwabe kuyikho ukubona abantu abasha bezibandakanya ezintweni ezingalungile.

“Wonke umuntu omusha uyazifela ngokubuka uMiss Kaizer Chiefs kanti nabaphathi baleli qembu abanjengoJessica Motaung, Cecil Motaung sebayiseka le ndumezulu.

“Baze bathatha isithombe nentokazi edle umhlanganiso nyakenye,” kusho uMnyandu.

UMhlongo noMnyandu bathe sebehambe imidlalo ehlukahlukene nezintokazi ezisuke zinqobe kulo mcimbi, bathi lezi zintokazi zihamba mahhala ziphinde zidle mahhala ngoba basuke befuna wonke umuntu azibone.

Bathe akubalulekile ukuthi izintokazi zibe abalandeli beZimpofana uma zifuna ukungenela. Abangakwazi ukungenela yilabo abaneminyaka esuka ku-14 kuya phezulu kanti ungela kumahhala.

Kuzonandisa iTouch Babes, Danger, McKiller andamp; Silent Killer, Christ-J, Madida, Madizar, Muntu Wabantu, G gun andamp; G 3, UGK kanti abaphathi bohlelo kuzoba uSmanga noSihle boMgungundlovu FM.

Amathikithi okungena u-R20 umuntu kanti eminye imininingwane itholakala kuMnyandu ku-079 160 0059 noma uMhlongo ku-071 355 8834

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.