Kumenywa amaqembu kowe-Acapella

2015-07-09 06:00

KUMENYWA wonke amaqembu ukuba abe yingxenye yomncintiswano we-Acapella ngoMgqibelo wona lo njengoba kuzokhethwa kuwo amaqembu amathathu azodlulela esigabeni sama-finals.

Lo mncintiswano uhlelwe Uhologo Production okuyisitebela sikaMnu Themba Njilo.

Ngokusho ko mhleli walo mncintiswano uMnu Thula Mhlophe, bonke abanekhono kulolu hlobo lomculo lapho kusuke kuculwa khona ngaphandle kokusetshenziswa kwezinsimbi bayamenywa.

“Simema bonke abaculi noma amaqembu alolu hlobo lomculo ngaphandle kwabaculi baka masikandi nesicathamiya, simema bonke-ke abanye.Lo mncintiswano ubuzungeza kubo bonke omasipala besifunda Mgungundlovu ukuzobheka amakhono. Okuzokwenzeka ukuthi lawo maqembu amathathu azophumelela azoklonyeliswa ngo-R1000, kuzobe sekulandela isigaba sama-finals lapho bezobe sebhekene nalaba abanye abaphumelele nabo kwabanye omasipala.

“Simema wonke-ke amaqembu ukuthi aphume ngobuningi bawo eze kulo mncintiswano,” kunxusa uMhlophe.

Uthe lowo oyodla umhlanganiso esigabeni sama-finals uzobe esethola inkontileka yokusayina abe ngaphansi kwesitebele Uhologo Production.

“Uzothola ukululekwa kanye nayo yonke into njengomuntu ozobe esayinde ngaphansi kwalesi sitebele. Bayamenywa bonke abantu futhi bayaziswa ukuthi ukujoyinela ukuba yingxenye yalo mncintiswano kumahhala, akukho mali ekhokhwayo. Bayacelwa ukuthi basheshe bafike ngoba kubhaliswa ngalo usuku lo mncintiswano.,” kuchaza uMhlophe.

Uzoba se-AF Wood eduzane nomtholampilo i-East Street kanti umcimbi uzoqala ngo 9 ekuseni.

Abafuna ulwazi olunye mayelana nalokhu bangathinta uMhlophe ku- 082 836 6403

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.