Kumi ngomumo ngowesicathamiya sezikole

2015-04-30 16:42
ISITHOMBE:sithunyelwe

UMnu Chris Ntuli nabafundi base Sobantu High School abake baba ompetha bomncintiswano wesicathamiya eminyakeni edlule. Ngemuva uMnu Mzi Mngadi ofundisa kusona lesi sikole.

ISITHOMBE:sithunyelwe UMnu Chris Ntuli nabafundi base Sobantu High School abake baba ompetha bomncintiswano wesicathamiya eminyakeni edlule. Ngemuva uMnu Mzi Mngadi ofundisa kusona lesi sikole.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABAFUNDI abathanda umculo wesicathamiya ezikoleni zamabanga aphezulu sebengaqala ukubhalisela ukuba yingxenye yendumezulu yomncintiswano wesicathamiya sezikole ozoba se-Playhouse Opera Theatre ngomhlaka 8 kuNhlaba (May).

Umhleli walo mncintiswano uMnu Chris Ntuli uthe yize lo mncintiswano ungenyanga ezayo, ukubhalisela ukuba yingxenye kuzogcina ngomhlaka 30 Mbasa (April).

Ekhuluma nephephandaba i-Echo uthe: “Lena yindumezulu yomncintiswano wesicathamiya osube khona iminyaka eyi-14. Kusuke kuqhudelana abafundi bezikole ezihlukahlukene zaKwaZulu-Natal abaqhamuka ezikoleni zasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

“Abafundi basuke bekhombisa ngekhono labo ekuqambeni izingoma ezintsha nasekuculeni lolu hlobo lo mculo.

“Simema nezinkakha zabaculi kule ndima okubalwa kuzona iLadysmith Black Mambazo nabanye ukuze zizibonele ikhono eliphethwe intsha yethu.”

Uqhube ngokuthi sekuphele iminyaka engama-23, iqembu alisungula i-Durban Black Drifters ifundisa isicathamiya ezikoleni ezihlukene zakulesi fundazwe, ngethemba lokuthi bazoba khona abafundi abazoqhubeka nalolu hlobo lo mculo noma sebeqedile esikoleni.

“Ngalo mncintiswano sihlose ukugqugquzela intsha yethu ukuba izibandakanye nalo mculo. Asifuni ukuthi umculo wethu ufe, njengoba kuchume umculo waseNtshonalanga entsheni yakithi. Yize umculo wesicathamiya ukhona kuleli zwe, awunikwa indawo eyanele ukuwuqhakambisa njengoba nakumabonakude udlala ngezikhathi ezithize.

“Siyafisa ukuwuqhakambisa kakhulu kusukela emazingeni aphansi, njengoba intsha yethu kuyiyona esibheke ukuba iqhubeke nawo kusasa. Sikhuthaza intsha esezikoleni ngethemba lokuthi iyona ezoqhubeka nomculo wethu ngisho sesingasekho. Yonke into isimi ngomumo mayelana nalo mncintiswano,” kusho yena.

Lo mncintiswano ubuxhaswa iCaltex, kulo nyaka uxhaswe uMnyango wezeMfundo ne-Playhouse Company. Kuyoqala ngo-10am, ukungena kumahhala. Izikole ezifisa ukuba yingxenye, zingathumela ama-sms abhalwe ukuthi “Yes” negama lesikole kunombolo ewu 073 301 6740. Abafundi abangawugqokile umfaniswano wesikole abazuvunyelwa ngaphakathi

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.