Kungehla ukushona kwabantwana, ngobisi lwebele

2015-05-28 06:00
ISITHOMBE:sithunyelwe

UNksz Khanyi Nzama oqale ukunikelela ngobisi lwebele ngonyaka odlule.

ISITHOMBE:sithunyelwe UNksz Khanyi Nzama oqale ukunikelela ngobisi lwebele ngonyaka odlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMNYANGO wezeMpilo KwaZulu-Natal ngokuhlanganyela neNyuvesi yaKwaZulu-Natal bathule ngokusemthethweni uhlelo lokugcinwa kwezikhwama zobisi lwebele (human milk banks) ezibhedlela ezahlukene zakulesi fundazwe ngenhloso yokusizaabantwana abazelwe.

Lo mkhankaso othulwe ngeledlule kuhloswe ngawo ukukhuthaza omama ukuba bancelise abantwana babo ubisi lwebele okungenani izinyanga eziyisithupha zokuqala.

Ukuthulwa kwalolu hlelo kulandela ikhwelo elishaywe uNgqongqoshe wezeMpilo kazwelonke uMnu Aron Motsaoledi ukuba kuvulwe izindawo zokugcina ubisi lwebele ngenhloso yokusiza nalabo bantwana abangasenabo omama.

Luzophinde lusize futhi nalabo bantwana abazalwe ngaphambi kwesikhathi, nalabo omama abasuke bengakalulami kahle emva kokubeletha ukuthi bangancelisa . Okhulumela inhlangano yakwa-Community Media Trust uNkk Elizabeth McGregor uthe ngokocwaningo olwenziwe kukhombisa ukuthi lapha eNingizimu Afrika bancane kakhulu abesifazane abancelisa abantwana babo ubisi lwebele, okungumthelela wokunyuka kwezinga lokushona kwabo.

“Ocwaningweni olenziwe ngo-2009 kukhombisa ukuthi bangu-62 kwabayi01000 abantwana abashonayo kuleli zwe bengakafiki eminyakeni emihlanu okwenziwa ukungondleki kahle. Yize ucwaningo olwenziwe ngo-2012 kulesi fundazwe lukhombise ukuthi siyehla isibalo sabantwana abashonayo emva kokuzalwa, asikafiki esibalweni esibekwe i-United Nations ukuthi babe ngaphansi kwabangam-20 kwabayi-1000 abashonayo.

“Yingakho sibone kufanele ukuba sithule lo mkhankaso ozokhuthaza abesifazane ukuba bancelise abantwana ubisi lwebele okungenani izinyanga eziyisithupha bezelwe. Sisungule izikhwama zokugcina ubisi lwebele oluzogcinwa ezibhedlela ezahlukene futhi sikhuthaza omama abaphilile ukuba banikelele ngobisi lwebele.

UMqondisi we-Integrated Nutrition Programme ngaphansi koMnyango wezeMpilo uNksz Leonare Spies uthe: “Esikhathini esiningi abantwana bashona ngenxa yezinkinga zokuphefumula, kodwa isizathu esikhulu kunazozonke ukungondleki kahle. Ngokocwaningo kuleli zwe bancane kabi abesifazane abancelisa abantwana ubisi lwebele, njengoba abangamaphesenti angama-90 begcina ngokukwenza besasezibhedlela bangabe besaqhubeka nakho. Ubisi lwebele lubalulekile futhi lunganqanda nezifo eziningi.

“Njengoba sekukhona nemishanguzo yokuthiba igciwane lesandulela-ngculazi, omama abasulelekile ngeke besasaba ukuthi kuzotheleleka abantwana babo.”

Owengamele uphiko lwezingane eNyuvesi yaKwaZulu-Natal uSolwazi Anna Coutsoudis ugcizelele ngokuthi ziningi izifo ezingathibeka uma abantwana bezoncela ubisi lwebele, okubalwa kuzona izinkinga zokuphefumula ezijwayele ukuhlasela abantwana kakhulu.

Omunye womama asebeqalile ukunikelela ngobisi uNksz Khanyi Nzama uthe ngobisi lwakhe lodwa ukwazile ukuncelisa abantwana abangu-26 ngonyaka odlule.

Izikhungo lapho okugcinwe khona ubisi lwebele:Stanger Hospital, King Edward VIII hospital, Congella, Edendale hospital, Newcastle ne-Lower Umfolozi Mother and Children hospital

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Jordaan missing in action

2016-09-25 00:00

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.