Kunomdonsiswano wendlu eHanniville

2015-06-18 06:00
ISITHOMBE:nompendulo ngubane

UNksz Fikile Mthembu emi eduze kwendlu yakhe le athi uphucwa yona ngankani uNksz Benzani Khanyile esekomitini ewadini.

ISITHOMBE:nompendulo ngubane UNksz Fikile Mthembu emi eduze kwendlu yakhe le athi uphucwa yona ngankani uNksz Benzani Khanyile esekomitini ewadini.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKHALA ngokuphucwa indlu yakhe owesifazane othi lokhu kwenzeke ngoba engasayihambi imihlangano yekomidi lenhlangano ebusayo i-ANC ewadini ahlala kuyo.

UNksz Fikile Mthembu wase Haniville, eCopesville uthi uphucwe indlu yakhe nguNksz Benzani Khanyile naye ongomunye osekomitini le wadi, omphuce ngoba ethi uMthembu akasabonakali nangokhasha emihlanganweni yekomiti.

Ekhuluma ne-Echo uKhanyile uyaphika ukuthi uphuce uMthembu umuzi kodwa uthi indlu uyithathe ngoba vele uMthembu ubengasafuni ukuhlala kuyona.

Kanti uMthembu yena uthi usala engenandlu nje ngoba amalungu ekomiti ethi akasayihambi imihlangano yekomiti ngakho-ke kumele aphucwe indlu. Sengigqekezelwe endlini yami izikhathi eziningi abantu bengena bethatha impahla yami, kusho uMthembu.

“Ngize ngishiya indlu nje, lena esengiphucwe yona ingoba nganginenkinga yezigebengu ezazingena zintshontsha endlini yami. Sekuze kwenzeka izikhathi eziningi kanti futhi bese ngibona ukuthi impilo yami isengcupheni. Bengihlala nontwana wentombazane ogcine naye engasenzi ngendlela efanele esikoleni ephazanyiswa ukungena kwezigebengu endlini zisina zidedelana zintshontsha impahla yami.

“Bese kuwumkhuba ojwayelekile futhi sebekwenza ngisho ngikhona endlini. Kulapho-ke nami ngize ngakhetha ukuthi ngithathe ingane yami iyohlala emakhaya ngoba ngibona ukuthi umntwana useyahlukumezeka kanti nami ngibe sengiyishiya indawo ngayohlala kwenye,” kusho uMthembu. Uqhube wathi kwaba khona umfana oweza wazohlala endlini enzela ukuyigada njengoba yena engasahlali khona.

“Kulapho-ke kuqale khona ngitshelwa ukuthi umuntu osendlini ukhishwa ikomiti ngoba mina ngingasabonakali emihlanganweni yekomiti. Indawo nganginikwe ilona ikomiti mina ngase ngakha umuzi.

“Ngifike uKhanyile eselungise igceke futhi esefake eyakhe ingidi kakhiye emzini wami, umfana obehlala endlini engasekho. “Nami ngifike ngafaka eyami ingidi ngoba umuzi kungowami futhi ngingafuni nawo noma ukuhamba kuwona,” kuqhuba uMthembu.

Khonamanjalo uKhanyile uthe yena ukhulume kahle noMthembu mayelana nendlu futhi uyathuka uphatheka kabi ukuzwa ukuthi yena ukhipha uMthembu endlini.

“Sikhulume kahle naye (uMthembu) ngenkulumo sithumelelana naye kuWhatsApp. Ngimcelile ukuthi eze kumina sizobonisana angitshele ukuthi angangidayisela ngamalini uthayela wakhe nesicabha sendlu.

Akekho obemphuca indlu ngenkani njengoba sekuvela kanjalo manje.

Ikhansela lakaward 29 uThandi Ndlovu uvele waluvala ucingo lapho ethintwa i-Echo ngalolu daba

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.