Kuphume izidumbu ngengxoxo yeWhatsApp

2015-11-04 06:00
ISITHOMBE: sithunyelwe UMnu Zakhele Bhengu (38) kuthiwa udubule isinqandamathe sakhe uNksz Fundiswa Ngcobo (33) ngoba esola ukuthi kunengxoxo kwiWhatsApp nesoka lakhe elidala.

ISITHOMBE: sithunyelwe UMnu Zakhele Bhengu (38) kuthiwa udubule isinqandamathe sakhe uNksz Fundiswa Ngcobo (33) ngoba esola ukuthi kunengxoxo kwiWhatsApp nesoka lakhe elidala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSOLAKALA ukuthi ugajwe yisikhwele uMnu Zakhele Bhengu (38) okuthiwa udubule isinqandamathe sakhe maqede wabhekisa inganono wazidula naye. UNksz Fundisiwe Ngcobo (33) ongowaseBulwer kodwa obeqashe eDusale KwaDambuza udutshulwe washonela endlini kaBhengu eseduzane nomgwaqo uSelby Msimang.

Bobabili akubona abalapha eMgungundlovu kodwa bebeze ngokusebenza futhi beqashile. UNgcobo ungowaseBulwer kanti uBhengu yena owase-Underberg, kusho okhulumela amaphoyisa asePlessislear uKaputeni Musa Ntombela.

UBhengu ubesebenza kwenye inkampani yezikhumba ngakhona eDusale. Isehlakalo senzeke ngeSonto ntambama sekudlule kancane ehoreni lesithathu. Ngokusho komthombo ongazange uthande ukudalulwa, kuvele ukuthi izithandani zombili zibe nokuhilizisana emva kokuba kubangwe ingxoxo kwezokuxhumana kuWhatsApp.

Ngokuchaza kwalo mthombo uBhengu udinwe wagana unwanu ngoba esola uNgcobo ukuthi uNgcobo uxoxa nesoka lakhe elidala.

“Emva kwalokho kube nokuhilizisana okusukile kubangwa lengxoxo eqhubekayo. Isoka libhoke ngolaka lisola intombi yalo ukuthi inengxoxo eqhubekayo kuWhatsApp.

“Kuyacaca-ke ukuthi yikho lokho okudale ukuthi athathe isibhamu edubule yona intombi yakhe qede naye wasibeka enhlafunweni wazidubula. Yena kodwa ushonele esibhedlela,” kusho umthombo.

Ikhansela likawadi 23 uDumisani Phungula usigxeke kakhulu lesi senzo. Naye ungomunye wabantu oziyele mathupha endaweni yesehlakalo ngalo iSonto ntambama.

“Kushaqisa kakhulu engifike ngakubona. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu kumele bafunde ukukhuluma uma benenkinga ngaphandle kokuthi baze bafike esinqumeni sokuzibulala. Ukukhuluma kuyasiza ngoba uyakwazi ukuthi uthole ukwesekwa ngabangani noma abomndeni. Yimbi kakhulu lento eyenzekile kanti ngiyacela ukuthi abantu bafunde kulokhu ukuthi kubi.

“Zikhona izindlela zokuxazulula izinkinga ngaphandle kokuthi umuntu aze azibulale,” kusho uPhungula.

UKaputeni Ntombela uthe ngaphambi kokuqhuma kwenganono, lo wesifazane kusolakala ukuthi uqale ngokuthumelela ilungu lomndeni wakhe eliseduzane umyalezo. Lo myalezo kuthiwa ubuthi: “come to our rescue [woza uzositakula]”

“Leli lungu lomndeni likhuluma nathi (amaphoyisa) lithe lenze njengoba liyaleliwe leza endlini kodwa lazithela phezu kwezulu lezandla ebeliqhuma endlini. Amaphoyisa asePlessislaer afikile athola owesifazane edutshulwe ebeleni eseshonile. Owesilisa yena uficwe esaphila wathathwa waphuthunyiswa esibhedlela e-Edendale. Ubezidubule ngakwesokudla enhlafunweni,” kuqhuba uNtombela.

UBhengu ushonele esibhedlela ngenxa yokuthi isimo sakhe besibucayi kakhulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.