Kuqwashiswe abafundi nge ‘kuber’ nesnemfu

2015-09-03 06:00
Ngemuva kusukela kwesokunxele: Nonhlanhla Mazibuko, Mbali Ngcobo, Sr Nana Bonga, Sbongile Nene, Lotsho Magwaza no Lindeni Zungu bemi nabafundi besifazane base Sobantu Secondary School.

ISITHOMBE:nokulunga ngobese

Ngemuva kusukela kwesokunxele: Nonhlanhla Mazibuko, Mbali Ngcobo, Sr Nana Bonga, Sbongile Nene, Lotsho Magwaza no Lindeni Zungu bemi nabafundi besifazane base Sobantu Secondary School. ISITHOMBE:nokulunga ngobese

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUVALA inyanga yabesifazane, inhlangano eqwashisa ngesifo somdlavuza iCancer Association of South Africa (Cansa) iqwashise abafundi bamantombazane baseSobantu Secondary School ngobubi bokusebenzisa izidakamizwa okungaholela ekutheni bazithole sebenesifo somdlavuza.

Le nhlangano ikusho lokhu emcimbini obuhlelwe iThembalabantu Children’s Foundation ngeledlule, ngenhloso yokwakha abesifazane abasebancane nokubacobelela ngolwazi. Phakathi kwezinhlangano ebezikhona kubalwa iCansa, iFamilies South Africa (Famsa) noMnyango wezeNhlalakahle ngaphansi kwamasipala uMsunduzi.

Eqwashisa abafundi uNkk Nana Bonga uthe: “Ngokwezibalo oyedwa kwabangu 33 abesifazane unomdlavuza webele ngakho kubalulekile ukuthi sishumayele ivangeli lokuzinakekela kwabesifazane abasebancane ukuze kwehle lesi sibalo.

“Ezinye izinto ezikhonzwe kakhulu intsha okubalwa kuzona izidakamizwa ezinjengesnemfu ne-kuber ziyawanyusa amathuba okuthi abesifazane bangenwe umdlavuza. Ezinye zazo lezi zidakamizwa zize zibhaliwe ukuthi zibanga umdlavuza kodwa abantu abasha bayaqhubeka nokuzisebenzisa.

“Enye yezinto ezinomthelela kakhulu ekutheni abantu abasha, ikakhulukazi abesifazane, bazithole sebenomdlavuza, ukusebenzisa amaphilisi okuvikela inzalo. Abanye baze bayawasebenzisa la maphilisi ukukhipha izisu okunobungozi obukhulu.

“La maphilisi aphazamisa ukusebenza kwamahomoni , okwenza babe nomfutho ophezulu wegazi (BP).”

UBonga uphinde wagqugquzela abafundi ukuthi kubalulekile ukuthi baphuthume emitholampilo nasezibhedlela uma kukhona abakusolayo, bangasukumi ngoba sekonakele.

Umsunguli wenhlangano iThembalabantu Children’ s Foundation uNksz Nonhlanhla Mazibuko uthe bakhethe ukuvala inyanga yabesifazane ngokuyala abesifazane abasebancane.

Uthe: “Isizulu siyasho ukuthi zibanjwa zisemaphuphuo, yingakho sikhethe ukuthi sikhulume namantombazanyana. Iskhathi esiningi uma kukhulunywa ngemigubho yabesifazane, kukancane lapho kugxilwa kumntwana wentombazane.

“Abesifazane abasebancane bangomama bakusasa, ngakho kubalulekile ukuthi siqale ukutshala imbewu besebancane,” kusho yena.

Abafundi baphinde baphiwa izipho ezahlukahlukene

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.