Kusinda kuyitshe kongenamlenze

2015-04-30 16:39
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

UNkk Nomusa Zuma waseWillofontain uthi siyamkhathaza isimo sendawo kanye nedlu ahlala kuyo.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE UNkk Nomusa Zuma waseWillofontain uthi siyamkhathaza isimo sendawo kanye nedlu ahlala kuyo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSINDA kuyehlela kowesifazane waseWillofontain ongenamlenze ebe ehlala yedwa njengoba ekhala ngesimo sendlu ohlala kuyona. Uthi iyavuza kanti inezimbobo ezingenisa amakhaza kanye namanzi uma lina izulu.

UNkk Nomusa Zuma (52) onqunywe umlenze ngonyaka odlule ngenxa yesifo sikashukela uthi kunzima ukuhlala kule ndlu ohlala kuyo njengoba ingekho ngisho indlu yangasese okuze kuphoqeleke ukuthi uma ezikhulula lokho akwenze endlini kuplastiki.

Echazela iphephanmdaba i-Echo ngesimo athe sibuhlungu kakhulu kuyena, uthe okunye okumenza abe nokwesaba ukuhlala kwakhe endlini, umsindo kanye nokuzizwa engaphephile.

Uphinde wathi uyafisa ukuba akhelwe indlu ezoba sesimeni esihle ukuze azokwazi ukuhlala akhululeke. UZuma uhlala endlini engamagumbi amathathu isakhiwo sayo esilapho kwakhiwe khona ihholo kanye nenkundla yezemidlalo yomphakathi waseWillowfontain.

Uthe okunye okumhlukumezayo ukuthi le ndawo kungena kuyo yonke inhlobo yomuntu ngoba iyindawo esetshenziswa umphakathi.

“Ihholo kulapho kwenzelwa khona izinto ezehlukahlukene zomphakathi waseWillofontain namaphethelo,” kubeka yena.

“Abantu bayafika bezobamba izinkonzo zemingcwabo nemicimbi eyehlukahlukene khona lapha ehholo. Akugcini ngemingcwabo kodwa futhi kuba nemicimbi ehlukene eba khona ngezimpelasonto.

“Lokho kuyinto engihlukumezayo ngoba abantu abasuke belapha ukuzothamela imicimbi yabo, bayagcaluza lapha ngaphakathi ngigcine sengisaba ngoba ngingazi ukuthi luhlobo luni lwabantu.

“Akugcini lapho kodwa babanga umsindo kanti futhi ngeke uze ubalawule ngesikhathi okumele bahambe ngaso, lokho kugcina sekungenza ngibe nokwesaba ngoba ngihlala ngedwa,” kusho uZuma.

Ngokuthola kwe-Echo indlu lena ahlala kuyo uZuma kwabe kuhlala umalume wakhe osewadlula emhlabeni. I-Echo iphinde yathola ukuthi lo muzi wawuhlala abelungu ngezikhathi zakudala kanti ke uZuma ubehlala nomalume wakhe obe eseshona eshiya yena.

Ikhansela lendawo uMnu Sibusiso Mkhize uthe bayazi ngodaba nangesimo sikaZuma kungakho ngenyanga edlule bamvakashele bamlethela ukudla ukuze athole ukusizakala futhi athole nokuya ngasethunjini.

“Udaba lwakhe ngazibonela mina ngaphandle kokutshelwa umuntu. Emva kokubona isimo sakhe simvakashele ukuyobheka, safike sathola ukuthi isimo sendawo ahlala kuyo simbi kakhulu. Udaba lwakhe ngiludlulisele eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu ukuthi kebalubheke babone ukuthi bangamsiza kanjani, lusezithebeni ezifanele sikhuluma nje,” kuchaza uMkhize.

Okunye uZuma athe uyakufisa ukukwazi ukuthola impesheni yokugula ngenxa yokuthi akasenawo umlenze. Uthe okufike kube yinselelo kuyena ukungabi nayo imali yokuhamba aye emahhovisi okubhaliswa kwempesheni.

“Ngiyafisa ukube ngabe sengiyasithola isibonelelo semali kahulumeni yokugula kodwa angibi nayo ngisho imali yokuya emahhovisi abo ukuyofaka isicelo. Nokuba ngilala ngidlile ngisizwa omakhelwane abangilethela ukudla,” kubeka uZuma

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.