Kuyakhathaza ukuwinwa abokuhamba imijaho yakuleli

2015-04-30 16:44
PHOTO: gallo images 

Motlokoa Nkhabutlane waseLesotho unqobe umjaho wabesilisa ka-56km njengengxenye ye-Old Mutual Two Oceans Ultra Marathon eKapa ngoMgqibelo.

PHOTO: gallo images Motlokoa Nkhabutlane waseLesotho unqobe umjaho wabesilisa ka-56km njengengxenye ye-Old Mutual Two Oceans Ultra Marathon eKapa ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IZINKALAKATHA ezindala kwezokusubatha eMzansi zithi ukuwina kwabokuhamba imijaho yakuleli kuyakhathaza kakhulu.

Lokhu kushiye omkhulu umbuzo nokukhathazeka emva kokuthi ngoMgqibelo omunye wabasubathi baseLesotho uMotlokoa Nkhabutlane ewine i-Old Mutual Two Oceans Marathon. Kahle-kahle abasubathi baseMountain Kingdom Lesotho bacishe badla umhlanganiso ngayo yonke indlela ngesikhathi bephuma phambili nesithathu. UNkhabutlane uphume eqhulwini kwase kuthi uzakwabo waseLesotho uMoeketsi Mosuhli ulale isithathu.

UNkhabutlane uwuwine lo mjaho emva kokugijima u-3hrs:10minutes:27secs ebangeni eliwu 56km. Kanti ophume isibili naye owokuhamba eZimbabwe uCollen Makaza (Zimbabwe-03:12:41). Kanti ekungeneni isithathu uMosuhli wenze isikhathi esingamahora awu (03:13:44).

Owake wawina iNew York Marathon nokade egijima kulo mjaho nowake waphatha kwi-Athletics SA nowaziwa kakhulu ngokuba yisishovushovu sokulwela amalungelo abasubathi kuleli, uHendrick Ramaala, uthi yena ubona sengathi abagijimi baseMzansi sebewotamatisi kakhulu futhi bayasaba ukuzwa ubuhlungu.

“Mhlwawumbe mina ngingathi abasubathi bethu bale minyaka sebetotoswa kakhulu, abasafuni nje ukuzwa ubuhlungu, ikakhulukazi uma bezilolonga noma beqhudelana. Iqiniso lithi ayikho indlela eya ekuphumeleleni ngaphandle kokudlula ebunzimeni,” kusho uRamaala.

Enye inkalakatha eyawina iComrades Marathon kaninginingi futhi nohlonishwa kakhulu kwezokusubatha eMzansi, uBruce Fordyce, uthi abasubathi bangaphandle njengakoKenya, Ethiopia, Zimbabwe naseLesotho bayabazi ubunzima futhi kubona ukuwina kusho kukhulu kanti futhi bayazinikela uma beziqeqesha.

“Phela amanye ala mazwe athatha ezokusubatha njengenkolo ngendlela abazimisela nabawuhlonipha ngawo umdlalo. Mhlawumbe inkinga yethu ukuthi konke kuza lula. Uma ungase ubuze nje ukuthi bangaki abake bathola ithuba lokuyoziqeqesha eKapa kumzila (route) weTwo Oceans, ungathuka kuphele nasozwanini. Mhlawumbe akekho owake wacabanga ukuthi ayoziqeqesha noma ngakhona-ke nje,” kusho uFordyce.

Kanti inkalakatha yomsubathi nesikhokho ekuvundululeni amakhono angaziwa, nowake wawina iNew York Marathon nohlonishwa kakhulu KwaZulu-Natal naseMzansi, uWillie Mtolo, uthi abasubathi bethu abaqinise kakhulu ekuzilolongeni futhi baphile impilo ehlanzekile.

Kanti owine umkhakha wabesifazane eKapa kwiTwo Oceans Marathon (56km) uCaroline Wöstmann (03:41:23) waseMzansi kanti kwisibili kungene uMrashiya uNina Podnebesnova (Russia -03:44:04) kanti inkosazane esimnkantsha bomvu uTanith Maxwell uphinde walimisa ifulegi laseMzansi ngesikhathi engena isithathu (03:45:18)

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.