Owakuleli noma ungowokufika, ezigebengwini kuyefana nje

2015-05-07 06:00

KUNABANTU lapha eNingizimu Afrika abazi ukuthi yonke into ekhona ezweni ingeyabo. Kwaqala ngokuthi uma kwakhiwa izinkundla zemidlalo nezindlu bathi ababafuni bantu bangaphandle.

Kubona abantu bangaphandle yilabo abangahlali kuleso sigceme noma indawo lapho kwenziwa khona lowo msebenzi. Bebethi laba bantu babathathela imisebenzi yabo. Abanye bebebhikisha, befuna kuhanjiswe laba bantu okuthiwa akusibona abendawo. Kodwa-ke bekubonakala ukuthi bayasaba ukubahlasela ngoba phela nabo bahlala eduze, okungaholela ekutheni ibambane ngezihluthu. Kanti futhi lokho bekuyosho ukuthi nabo abahlaseli abasakwazi ukuhamba ngokuchanasa ezweni.

Abanye ngisho kwakhiwa izinxanxathela zezitolo ezindaweni abahlala kuzo babeka imingcele, bathi abafuni kuqashwe abangaphandle. Bebengakaze bakucabange ukuthi uma inxanxathela yezitolo seyakhiwe ngeke bakwazi ukusimamisa amabhizinisi akuyo ngokuthi kuthenge bona bodwa.

Badinga abantu abaliqhamukisa nakwezinye izindawo, ngisho ezikude, ukuze amabhizinisi asenxanxatheleni angawi futhi aqhubeke nokuqasha abantu, Lapho wonke umuntu ezitshela ukuthi lo mcabango wabo oyingozi nobulima futhi osushabalele ezindaweni eziningi usunciphile noma uphelile, ubonakala sewubuya futhi.

Yingakho-ke muva nje kuqubuke ukuhlaselwa kwabafowethu nodadewethu esakhe nabo e-Afrika esikhathini esingangenyanga esedlule. Ngisho umuntu ongafuni noma akubone ukusebenza uthola ithuba nehawu lokucasha. “Bafika lapha bazothatha imisebenzi yethu”. basho njalo.

Beqala leli hlazo bathi balandela umyalelo weSilo uGoodwill Zwelithini owawuthi babuyele emazweni abo ‘ngokuthi bashaywe’. Kodwa noma uNgangezwelakhe eseshilo ukuthi inkulumo yakhe yathathwa ngokungeyikho, baqhubekile nokubukwa ngabokufika. Mhlawumbe-ke emva kwembizo ebizwe yiso iSilo samaBandla ngomhla 20 kuMbasa basibone ngelinye iso lesi sihluku sabo esiholele ekubulaweni kwabane bokuhamba nabathathu bakuleli.

Ngoba phela bebeshaya sengathi balalela iSilo samaBandla namanje kufanele basilaleke njengoba umyalelo waso uqonde ngqo ukuthi bangahlaselwa abokufika kodwa bavikelwe yibo bonke abantu baKwaZulu-Natal. Empeleni umhlasela kanjani umuntu ongalwi futhi okunzima nokuthi aziphindeselele njengoba enqamule amazwe nje? Ngabe lokho kukwenza isilomo ube wazi kahle ukuthi ubungeke umenze lutho ukube naye ubekwelakubo izwe?

Noma wazi ukuthi wena awusoze walishiya leli, musa ukonela abantu abafisa ukuyobheka amathuba angcono kwamanye amazwe kuleli izwekazi lase-Afrika. Abantu bakuleli abayanga nje kula mazwe ngesikhathi sobandlulo kodwa abanye basaya namanje ngezizathu eziningi ezahlukene.

Kukhona izinkampani zakuleli ezinkulu ezikwamanye amazwe futhi eziqashe abantu abaningi bakuleli abasebenza behlala kuwo lawo mazwe. Ngabe ufuna kwenzekeni ngalabo bantu?

Abanye babantu bakuleli sebenabakhwenyana namakhosikazi noma izingoduso ngale noma ngala. Abanye banemindeni kuleli. Manje lobo budlelwano kufanele buphela ngenxa yeqeqebana nje labantu elifuna ukusihlaza emehlweni omhlaba ngalobu bugebengu balo? Uma ungabafuni abokuhamba ngala nabakuleli ngeke bafunwe kulawa mazwe athintekile.

Uma ungesona isigebengu kodwa nawe kade ubambe iqhaza kulokhu sekuyefana ukuthi nawe uyiso. Usunike izigebengu into ezizoqhuba ngayo ubunswelaboya njengakho nje ukuntshontsha ezitolo zalaba abokufika kuleli, zibacekela phansi.

Izigebengu lezi zihlanganyele u-Emmanual Sithole waseMozambique zamgqema, zamgwaza ngoba nje zifuna ukuthatha ugwayi wakhe awudayisela ukondla umndeni wakhe, mahhala. Zikwenze lokhu ngoba zazi ukuthi ungowokuhamba. Futhi bezikwenzela ukusatshwa ukuze noma zifuna noma yini kwabanye bangenqabi besaba ukuthi nabo bazosocongwa. Sihleli nezilwane ezweni, sonke asiphephile uma kunje!

Ngabe siye sizibuze nje ukuthi uma bengase bahambe bonke abokufika, izigebengu ebesezijwayele ukubantshontshela futhi zibabamba nenkuzi zizokwenzenjani? Kuyacaca zizoqhubeka nokuntshontsha kwazo, zintshotshele ngisho nalabo akade bevuna lezi zenzo zazo.

Kona siye sizwe ukuthi kunezinkumbi ezilapha ngokungemthetho. Umsebenzi kaHulumeni ukulungisa leyo nto. Akufanele ukuthi kube khona umuntu olapha kungaziwa lutho ngaye. Lokho kuholela ekutheni benze ubugebengu. Umculi we-regae uLucky Dube wabulawa abantu okungesibona abalapha kanti muva nje intatheli kamabonakude uVuyo Mvoko nabanye ozakwabo babanjwe inkuzi abantu okungesibo abakuleli. Kuyezwakala futhi ukuthi kunabaqashi abangafuni ukuphatha abasebenzi ngendlela ngoba bazi ukuthi bazozilandela laba bafowethu nodadewethu abasebenzela noma yini ngoba behlupheke kakhulu bona futhi bengekho emazweni abo.

Uma bekhona ngempela, nabo banesandla kulolu dlame nobugebengu okubhekiswe kwabokufika. Kuzofanele uHulumeni ashaye umthetho ozobajezisa kanzima abenze njalo. Kuye kuthi uma sekusuke udlame bengabona nangokhalo lapho kuliwa noma kukhuzwa khona. Into abayifunayo nje imali, abanadaba ukuthi bayithola kanjani.

Kufanele uphela umqondo wokuthi kunabantu abanemisebenzi yabo bebe bengabonakali ngisho kufeswa. Empeleni iningi labo lithanda into entshontshiwe kunesetshenzeliwe

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.