‘Safa umsindo weSophie’s Choice’

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE

Indawo iSophies Choice eMbali Unit One ekhathaza umphakathi ngomsindo.

ISITHOMBE:NOMPENDULO NGUBANE Indawo iSophies Choice eMbali Unit One ekhathaza umphakathi ngomsindo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AMALUNGU omphakathi owakhelene nendawo edayisa utshwala eyaziwa ngeSophie’s Choice eMbali Unit 1 athi akhathele umsindo osuke ubangwa kulendawo kusukela isonto liqala lize liyophela.

Ngokusho kwezinye zezakhamuzi ezikude buduze nale ndawo, ngenxa yezinga lomsindo kunzima ngisho ukuthi abantu abasuke behlezi ndawonye ebaleni ukuthi bazwane uma bekhuluma.

Omunye wezakhamuzi ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa uthe njengabantu abakhelene nale ndawo sebekuthola kunzima ukuhlala kuyona ngenxa yezinga lomsindo, ikakhulukazi ngempelasonto lapho kusuke kukhona oDJ abasuke bedlala umculo usho phezulu.

Lesi sakhamuzi siqhube sathi ngoMgqibelo nangoLwesihlanu bayabikelwa ngoba basuke bazi ukuthi umculo uzomemeza phezulu kuze kulamule isikhathi sokuvala. Sithe nangeSonto futhi kuba yiso leso umsindo usho phezulu ngomculo nabantu abasuke bezophuza kule ndawo bebanga owabo umsindo.

Omunye wezakhamuzi uveze ukuthi kuba nzima kakhulu uma ngoba le ndawo isendaweni eyakhelene nemizi yabantu kanye namasonto amathathu angekude nayo.

“Ngesikhathi kuphuzwa kule ndawo kubangwa umsindo kuyadunyiswa kulamasonto, lokho akuvumelekile neze,” sisho isakhamuzi.

Umnikazi wendawo iSophie’s Choice uMnu Vusi Gumede uthe ngeke aze aphika ukuthi umsindo uye ube khona ngoLwesihlanu nangoMgqibelo lapho kusuke kukhona o-DJ.

Ukuphikile ukuthi ngeSonto uyavula wathi ngeSonto indawo yakhe ayivulwa.

“ Angikuphiki ukuthi umsindo uyaba khona uma kunguLwesihlanu nangoMgqibelo kodwa ngiye ngiqinisekise ukuthi ngivala ngesikhathi esifanele ukuthi kungabi nenkinga emphakathini.

“Kwesinye isikhathi uma kade kunezikhangiso ezithile zohlobo lotshwala umsindo uba khona kodwa yize kunjalo indawo ivala ngesikhathi esifanele.

“ Noma umsindo uba khona kodwa kushaya ihora leshumi nanye (11) sekuvaliwe. NgeSonto angivuli yingakho nje nginokudideka uma ngizwa ukuthi kunabantu abakhala ngokuthi kunomsindo obangwa ngeSonto.

“Abekho abantu asebeke bangazisa ukuthi bakhathazekile ngomsindo oqhubekayo. Njengosomabhizinisi osebenza lapho kunomphakathi khona ngeke kwangijabulisa ukunganami komphakathi ngoba ukhalaza ngomsindo. Uma kunezikhalazo ezinjengalezo ngizozibheka bese ngibona ukuthi ngabe kukhona yini lapho umuntu angenza khona ushintsho,” kusho uGumede.

“Angikuphiki ukuthi umsindo uyaba khona uma kunguLwesihlanu nangoMgqibelo kodwa ngiye ngiqinisekise ukuthi ngivala ngesikhathi esifanele ukuthi kungabi nenkinga...”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Fire at UJ lecture hall

15 minutes ago

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.