Sekungumzabalazo wokubalekela ihlathi manje

2015-05-07 06:00
ISITHOMBE: gallo images 

Umqeqeshi weGolden Arrows Shaun Bartlet uthwele njengoba iqembu lijabulela ukubuyela kwiPSL Absa Premiership emva nje kwesizini eyodwa ladliwa yizembe. Lapha kungeSonto emva kokuba leli qembu lidlale ngokulingana ngegoli n

ISITHOMBE: gallo images Umqeqeshi weGolden Arrows Shaun Bartlet uthwele njengoba iqembu lijabulela ukubuyela kwiPSL Absa Premiership emva nje kwesizini eyodwa ladliwa yizembe. Lapha kungeSonto emva kokuba leli qembu lidlale ngokulingana ngegoli n

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMIDLALO ye-Absa Premiership League esasilele izodlalwa nje phela ngoba sekugcinwa umthetho nje ukuze kuphothulwe imbenge kodwa oshampeni nezingqwele seziyaziwa.

Ngesonto eledlule iKaizer Chiefs iqophe umlando ngesikhathi idla umhlanganiso wesicoco seligi imidlalo yesizini esikuyona ingakaqedwa.

Ukuze AmaKhosi athathe isicoco seligi sesizini ka-2014/15 adlalisa okoshampeni bempela ngesikhathi exebula noma ezidlela amahlanga ngokushaya iPolokwane City ngo 4-1 kusasele imidlalo emithathu kuphothulwe isizini. Phela umdlalo weKhosi ubudlalelwa eFNB Stadium ngoLwesithathu olwedlule. Ukudlula ngelamahubo kanje kwaMaKhosi nokucacisa kusakhanya kukhumbuze abathandi abaningi bebhola indlela u-Alex Ferguson ayenza ngayo izinto ngezikhathi zakhe esekwiManchester United yase-England.

Phela iKhosi latshengisa ukuthi liya kude nokuthi lifuna ukusidla lesi sicoco mhla kuqalwa ngosuku lokuvulwa kwesizini lapho laqala ngokudla iFree State Stars ngo 1-0

emdlalweni wokuqala owabe use Charles Mopeli Stadium. Kusukela lapho iKhosi alibhekanga emuva, lishaya kwasani oluphambi kwalo laze lavula negebe elikhulu okwenza kube lukhuni kubo bonke ababecabanga ukulifica.

Isikhulu seChiefs uBobby Motaung uthi babeyazi into abayifunayo zisuka nja amadaka, wancoma nomqeqeshi uStuart Baxter nomsizi wakhe uDoctor Khumalo ngendlela abasebenzisane ngayo nabadlali.

UMotaung uyavuma ukuthi bekungelula kodwa ngendlela iqembu elisebenze ngayo lenze kwaba sengathi kulula.

“Bekulukhuni kwasatshe, phela ukwakha ithimu ibe oshampeni kudinga izinto eziningi. Nokuthi-ke umsebenzi wokuthatha isicoco uqala ngosuku lokuqala uma kudlalwa umdlalo wokuqala.

“Sibonga nje bonke abaqeqeshi nabadlali indlela abasebenze ngayo ukuze benze leli qembu oshampeni,” kusho uMotaung.

*Kanti ezinye izindaba ezimnandi kubathandi bebhola baseKwaZulu Natal ukuthi Abafana Bes’thende, iLamontville Golden Arrows eqeqeshwa uShaun Bartlett bagcine ngokudla umhlanganiso kwiNational First Division, bagcina bewine isicoco seligi nabo. Ngonyaka ozayo leli qembu selizodlala kwiPSL.

UBartlett obejabule futhi ekhala nezinyembezi uthe ubonga indlela abadlali nabalandeli nezikhulu ezimxhase ngayo ngesikhathi bezabalaza ehlathini.

“Bekunzima laphaya kwiNFD, kodwa ngincoma bonke abantu, ikakhulukazi nemindeni yethu nabadlali abasebenze kanzima isizini yonke,”kusho uBartlett.

Babuya nje Abafana Bes’thende elinye lamaqembu aKwaZulu-Natal, AmaZulu bazabalazela ukungangeni ehlathini. Badlale ne-University of Pretoria kanti umphumela ubungakabi bikho ngenkathi i-Echo iyoshicilela. Kuzothi ngeSonto Usuthu lutholane phezulu neMaritzburg United.

Kanti isiyonke imidlalo yokuphothula isizini ezodlalwa yonke ngoMgqibelo futhi ngehora lesithathu yonke imi kanje:

I-Wits ne Platinum Stars eBidvest Stadium, Ajax Cape Town ne Orlando Pirates eCape Town Stadium, Moroka Swallows ne Bloemfontein Celtic eDobsonville Stadium, Free State Stars ne Black Aces eGoble Park, Mamelodi Sundowns ne University of Pretoria eLucas Moripe Stadium, AmaZulu ne Maritzburg United eMoses Mabhida Stadium, Chippa United ne Kaizer Chiefs eNelson Mandela Bay Stadium, Polokwane City ne SuperSport United e-Old Peter Mokaba Stadium

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.