Sekuntwela ezansi kumgwaqo uThwala

2015-10-08 06:00
ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE

Ekuqaleni: Ububukeka kanje umgwaqo uThwala esikhathi esingeside waze umphakathi waba ezikhalazo.

ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE Ekuqaleni: Ububukeka kanje umgwaqo uThwala esikhathi esingeside waze umphakathi waba ezikhalazo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

EMVA kwezinkinga eziningi ezike zaba khona mayelana nokunwetshwa komgwaqo uThwala eMbali Unit 3, kubonakala umsebenzi uqhubeka futhi usuya ngasemaphethelweni.

Lo mgwaqo ube ngundabizekwayo ngokuba nesasasa lapho uzoqala unwetshwe nezinkinga futhi eziwukhungathile ngesikhathi usuqalile wakhiwe. Lo msebenzi wokunwetshwa uqale kusukela kumgwaqo uFJ-Sithole ngaserobhothini elingasesikoleni samabanga aphezulu iMehlokazulu kuye kwehle njalo kuze kufike ezansi nelokishi lakhona eMbali Unit 3. Umphakathi wakuleli lokishi ube nokungenami ngenxa yezinkinga obuzibala ezibe yizinselelo kuwona ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi.

Khonamanjalo ezinkingeni ezibekwe umphakathi kuphinde kwama izigaba eziningi ukwakhiwa kwawo ngenxa yezinkinga zokungenami kwabasebenzi ngamaholo nezinye izinkinga ebeziqhubeka ngaphakathi enkontilakini, okuyiyona eyaqokelwa ukwenza lo msebenzi.

Phezu kwazo zonke izinkinga ezibekhona abahlali sebethole ukuphefumula ngoba lo mgwaqo usukhonkiwe futhi unwetshiwe njengoba kwabe kuthenjisiwe.

Omunye wamalunga omphakathi ozibize ngoNksz Silindile Ndlovu, ohlala khona eMbali, uthe ‘ithemba alibulali’.

“Kube nezinkulu izinkinga ngokwakhiwa kwalo mgwaqo okwenze nathi njengabahlali sidinwe sigane unwabu. Sibe nezikhalazo ngesikhathi abasebenzi bedubile nokuvele kwaholela ekutheni sibe nemibuzo yokuzibuza ukuthi ngabe kuyophinde kuqhubeke yini ukwakhiwa kwawo. Sikhalaze nangezintuli ebese zidale ukuthi singakwazi ukuwasha izimpahla sizineke emnyango ngesikhathi umgwaqo umbiwe. Kuphinde kwaba nokungenami ngendlela ebesibona izinto zihamba ngayo ngonyawo lonwabo.

“Siyajabula uma sesibona ukuthi ukwakhiwa kwawo kuqhubekile futhi njengoba sesibona usunwetshiwe futhi ukhonkiwe,” kusho uNdlovu.

Omunye wabasebenzi ophinde abe yisakhamuzi kuleli lokishi uthe kuyajabulisa ukubona ukuthi konke kuyaqhubeka futhi kuhamba ngendlela egculisayo okwamanje. Uthe izinkinga kuhambe kwahamba zaxazululeka kanti futhi kuyathokozisa ngoba umphakathi uzogcina ngokuba nomgwaqo omkhulu okhonkiwe njengoba kwabe kuhleliwe.

“Yize kuthathe isikhathi eside kunalesi esabe sibekiwe kodwa kuyajabulisa ukuthi ekugcineni kukhona okwenzakele,” kusho umsebenzi.

Ikhansela likawadi-22 uPat Jaca uthe ujabule kakhulu ukubona ukuthi lo msebenzi oke waba nezinkinga uyaqhubeka futhi sekunomehluko omkhulu.

“Bengiphatheke kabi ngizwa abantu beveza ukungenami ngenxa yesimo ebesiqhubeka. Ngiyababonga kakhulu abantu base-3 ngokubekezela kwabo kusukela ekuqaleni kuze kube imanje.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.