Sekuvulelekile ukufaka izicelo kwi KZN Young Achievers Awards

2015-06-04 06:01
ISITHOMBE:SITHUNYELWE

Umlingisi osezakhele udumo kwezokulingisa uSdumo Mtshali omunye wabantu abazohlonishwa ngendondo kuma KZN Young Achievers Awards azoba ngenyanga uNtulikazi.

ISITHOMBE:SITHUNYELWE Umlingisi osezakhele udumo kwezokulingisa uSdumo Mtshali omunye wabantu abazohlonishwa ngendondo kuma KZN Young Achievers Awards azoba ngenyanga uNtulikazi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SEKUVULELEKILE ukuqokwa kwalabo abangafisa ukungenela ukwemukweliswa ngezindondo kuma KZN Young Achievers Awards azoba ngenyanga uNtulikazi (July).

Lo mcimbi ohlelwe uMvithi Youth Development uhlose ukuhlomulisa futhi ugqamise labo bantu abasha abenza kahle emikhakheni ehlukahlukene kuwona lo mcimbi.

Kulo nyaka kuzohlonishwa iSilo samaBandla uZwelithi Zulu ngendondo ye Life Achievement in Leadership and Entrepreneurship. Lowo owayenguNdunankulu wesifundazwe uDkt. Zweli Mkhize nguyena oyonikezela ngendondo eqanjwe ngaye ebizwa nge Zweli Mkhize Entrepreneurship Spirit Award (ZMESA).

Umsunguli wo Mvithi Youth Development uMnu Mthobisi Mkhize echaza ngale ndondo uthe indondo lena iyonikezwa owesilisa noma owesifazane noma iqembu lentsha elidle umhlanganiso ngokuba i-Young Achiever of the Year.

“ Kulo nyaka sihlele ukuthi sihloniphe abantu abaningi ababambe iqhaza emikhakheni eyehlukahlukene ezweni lakithi kanye nasesifundazweni. Sizophinda sinikeze indondo yokuhlonipha umama wesizwe uNkk Thobeka KaMadiba Zuma. Indondo azohlonishwa ngayo i- Honorary Social Cohesion. Omunye ozophinda ahlonishwe ngendondo uPeggy Sue Khumalo owaba uzime wokuqala omnyama wakwaKwaZulu Natal. Omunye ongeke asale ngaphandle insizwa esizakhele udumo kwezokulingisa yakhona lapha KwaZulu Natal uMnu uSdumo Mtshali odlala indawo kaSibusiso Ndlovu kumdlalo iSibaya. UMfundisi HQ Nala uzohlonishwa ngendondo ye Social Development kanye noMfundisi uNathi Zondi we True Vine. Abanye abazohlonishwa umqondisi weMuvhango uMnu Duma kaNdlovu, umsakazi uDudu Khoza, Clive Barker, Nomusa Dlomo nabanye abaneqhaza abalidlalile esizweni,” esho uMkhize.

Ube esekhuthaza intsha efisa ukuba yingxenye yabazokhethwa emikhakheni ehlukene ukuba ithumele i-email ku:kznyouthawards@safrica.com. Bayanxuswa ukushayela kulenombolo 082 760 3773 uma kukhona abafisa ukukwazi mayelana nomcimbi.

Imikhakha engangenelwa yilena elandelayo:

Music Visual Arts

Drama

Poetry

Agriculture

Beauty

Film

Tourism

Business

Entrepreneurship

Fashion

Rural initiative

Best youth Organization

Best Youth radio program

Best youth TV program

Best youth Newspaper\Magazine program Sports

Best Ability - for youth with disability Science Academic

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.