Sekuwufawafa ngempelasonto kwakwiMTN8

2015-08-27 06:01
PHOTO:sourced

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uthi ezakhe zizimisele ukushaya amagoli ukuze zidlulele kowamanqamu eMTN8 Cup lapho zibhekana neCeltic ngoMgqibelo ebusuku.

PHOTO:sourced Umqeqeshi weKaizer Chiefs uthi ezakhe zizimisele ukushaya amagoli ukuze zidlulele kowamanqamu eMTN8 Cup lapho zibhekana neCeltic ngoMgqibelo ebusuku.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZIZOSHUBA izinto kule mpelasonto njengoba kuzobe kuzoshikisha ufudu nje lapho amaqembu akuma-semi final eMTN 8 ezobe eqhuthana khona amazenze.

Umbuzo osalokhu ubuzwa ngabathandi bebhola eMzansi wonke ukuthi kaze obani abazonqoba kule midlalo eyandulela eyamanqamu azokuba ngoSeptember 19.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi la maqembu azobe ebambene kule mpelasonto ake athi ukutholana ngaphambilini emlenzeni wokuqala. Imidlalo yomlenze wesibili izodlala ngaloMgqibelo nangeSonto. Ukukhuluma kuzoqala ngoMgqibelo ebusuku ngo-8:15pm eFNB Stadium lapho kuzotholana khona phezulu iKaizer Chiefs neBloemfontein Celtic. Kanti iBidvest Wits izodlalela ekhaya eBidvest Stadium eMilpark ne

Ajax Cape Town ngo-3 ntambama ngeSonto.

Amathikithi ayoyonke le midlalo aseyatholakala kuzozonke izikhungo zamathikithi kuzwelonke. Wonke lamaqembu ashayana aze abukana emilenzeni yokuqala. AmaKhosi abuya sekuvalwe amehlo ashaya igoli lokulinganisa ekuhambeni nokwabonakala kuyiqhinga elihle lokucindezela izivakashi kulokhu. Kanti-ke futhi iningi labalandeli bamaKhosi babebheke ukuthi ezabo zibuye zinqobile kodwa amathuba agejwa ngendlela emangalisayo.

Kanti neziTshudeni zazibona znenhlanhla enkulu lapho zakwazi ukubamba i-Ajax Cape Town ngo-1-1 ekuhambeni.

Umqeqeshi weKhosi uSteve “Mphathi” Komphela uthi kulokhu ezakhe kuzofanele zikhuphule amasokisi ngoba phela zizobe zisekhaya kanti futhi uyavuma ukuthi emlenzeni wokuqala lalikhona ibhajana.

“Uzokhumbula ukuthi sageja iphenathi nesasicabanga ukuthi yiyona eyazosisiza kakhulu ikhiphe nengcindezi, mhlawumbe sigcine siwinile, kodwa-ke angikhali ngoba phela unjalo umdlalo webhola.

“Mhlawumbe into ezosisiza kulokhu ukuvele sikhohlwe yizinto eziningi ezenzeka emdlalweni wokuqala, sivele sishaye amagoli. Kumnandi ngoba kulokhu sizobe sisekhaya futhi sidlalele phambi kwabalandeli bethu,” kusho uKomphela.

Umqeqeshi weCeltic uClinton Larsen uthi bayazi ukuthi eFNB kuzobe kusinda kwehlela kodwa nabo phela bangamadoda futhi kuyokhetha ukhethi.

“Angeke kube umdlalo olula kuwona womabili amaqembu. Futhi akekho ongafuni ukuya kwifayineli, mhlawumbe singathi iyolala ibonene. Thina asithi siyobe sihambele eFNB ngoba noma ngabe siyaphi abalandeli bethu bayeza,” kusho uLarsen

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.