Sekuyaqhubeka ukusebenza kumgwaqo uThwala

2015-06-18 06:00
ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-ECHO

Kuyaqhubela ukulungiswa komgwaqo uThwala eMbali Unit 3 emva kokuba kuke kwaba nezinxushunxushu.

ISITHOMBE:INQOLOBANE YE-ECHO Kuyaqhubela ukulungiswa komgwaqo uThwala eMbali Unit 3 emva kokuba kuke kwaba nezinxushunxushu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUYAQHUBEKA ukulungiswa komgwaqo uThwala eMbali Unit 3 emva kokuba kuke kwaba nezinxushunxushu lapho abasebenzi bebeke phansi amathuluzi okusebenza emasontweni adlule ngenxa yokushoda kwezinto zokwakha.

Laba basebenzi babuyele emsebenzini ngokugcwele kusukela ngoMsombuluko odlule emva kokuxoxisana nomqashi kuxazululwe izinkinga ebezisho ukuthikameza lentuthuko eqhubekayo kuleli lokishi.

Ongumxhumanisi womphakathi kule project uMnuz Themba Zondi utshele iphephandaba iEcho ukuthi abasebenzi babuyele emsebenzini waphinde wagcizelela ukuthi konke kuhamba kahle futhi umsebenzi uyaqhubeka ngaphandle kwezinkinga emva kokuba kuhlalwe phansi kwaxoxwa ngezinkinga zalungiswa futhi nezinto zokwakha zathengwa zaphelela.

Okunye akushilo uZondi ukuthi banokuxhumana okuhle kakhulu nomphakathi mayelana nokwakhiwa komgwaqo. Uthe kunamanye amalunga omphakathi okumanje kulungiswa ama drive way awo ngaphambi kokuba kufakwe itiyela emgwaqeni.

“Esingakuthembisa umphakathi ukuthi izintuli seziyaphela manje ngoba itiyela sesisemalungiselelweni okuthi lifakwe kungekude. Okwamanje sisabhekene nama drive way abantu nokulapho unjiniyela ezofika noma inini ezobheka ukuthi ngabe itiyela selingafakwa yini. Kodwa engingakuthembisa abantu ukuthi sizimisele ukuthi ithi inyanga iphela kube kubonakala umehluko,”esho uZondi.

Uphinde wabonga umphakathi ngokubekezela nokuphinde usebenzisane nabo futhi ubeseke.

“Siyabonga kakhulu ukuthi umphakathi uyaseseka kule ntuthuko eyenzeka endaweni yawo. Ukuxhumana esinakho kuyajabulisa futhi nathi kuyasigqugquzela ukuthi nathi sisebenze ngokukhulu ukuzimisela,” esho uZondi.

Omunye wabasebenzi ukuqinisekisile ukuthi sebebuyele emsebenzini.

Uthe babuyele emsebenzini ngoMsombuluko odlule naye wakufakazela ukuthi izinkinga abebebhekene nazo sezixoxiwe kanti konke kubuyele esimeni.

Lo mgwaqo uzofakwa imizila emithathu kusukela erobhothini lomgwaqo u-FJ Sithole ngasesikoleni samabanga aphezulu iMehlokazulu. Le ntuthuko iyoze ifike kwinxanxathela yezitolo i-Edendale

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

24.com publishes all comments posted on articles provided that they adhere to our Comments Policy. Should you wish to report a comment for editorial review, please do so by clicking the 'Report Comment' button to the right of each comment.

Comment on this story
0 comments
Comments have been closed for this article.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.